Watchtower UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
Watchtower
UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
IsiZulu
  • IBHAYIBHELI
  • IZINCWADI
  • IMIHLANGANO
  • w24 Mashi kk. 26-31
  • Duduzeka Ngokuthi UJehova Uyakwamukela

Ayikho ividiyo kulokhu okukhethile.

Uxolo, kube nenkinga ekufakeni ividiyo oyifunayo.

  • Duduzeka Ngokuthi UJehova Uyakwamukela
  • INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova (Efundwayo)—2024
  • Izihlokwana
  • Indaba Ethi Ayifane
  • OKUNGENZA ABANYE BACABANGE UKUTHI UJEHOVA AKABAMUKELI
  • UJEHOVA UBONISA KANJANI UKUTHI UYASAMUKELA?
  • OBUNYE UBUFAKAZI BOKUTHI UJEHOVA UYASAMUKELA
  • Ngesizotha Yamukela Ukuthi Kunezinto Ongazazi
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova (Efundwayo)—2025
  • UJehova “Upholisa Izinhliziyo Eziphukile”
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova (Efundwayo)—2024
  • UJehova Ukuthanda Kakhulu
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova (Efundwayo)—2024
  • ‘Uyigugu Kakhulu’!
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova (Efundwayo)—2025
Bheka Okunye
INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova (Efundwayo)—2024
w24 Mashi kk. 26-31

ISIHLOKO ESIFUNDWAYO 13

INGOMA 127 Uhlobo Lomuntu Okufanele Ngibe Yilo

Duduzeka Ngokuthi UJehova Uyakwamukela

“Ngikwamukele.”—LUKA 3:22.

AMAPHUZU ABALULEKILE

Indlela onganqoba ngayo ukungabaza ukuthi uJehova uyakwamukela.

1. Yimuphi umcabango ongase uhluphe ezinye izinceku zikaJehova ezithembekile?

KUSIQINISA idolo ukwazi ukuthi uJehova uyabamukela abantu bakhe njengeqembu! IBhayibheli lithi: “UJehova uyajabula ngabantu bakhe.” (IHu. 149:4) Nokho, ngezinye izikhathi abanye bangase badikibale kangangokuba bangaze bazibuze, ‘UJehova uyangamukela yini mina?’ Abakhulekeli bakaJehova abaningana bangezikhathi zeBhayibheli nabo bake bahlushwa imicabango enjalo.—1 Sam. 1:​6-10; Jobe 29:​2, 4; IHu. 51:11.

2. Obani abamukelwa uJehova?

2 IBhayibheli likubonisa ngokucacile ukuthi abantu abanesono bangamukelwa uJehova. Kanjani? Kumele sibonise ukholo kuJesu Kristu sibhapathizwe. (Joh. 3:16) Ngaleyo ndlela sibonisa obala ukuthi siphendukile ezonweni zethu nokuthi sithembise uNkulunkulu ukuthi sizokwenza intando yakhe. (IzE. 2:38; 3:19) UJehova uyajabula lapho senza lezi zinto ukuze sibe abangani bakhe. Uma nje siqhubeka senza konke esingakwenza ukuze siphile ngokuvumelana nesifungo sethu sokuzinikezela, uJehova uyasamukela asibheke njengabangani bakhe.—IHu. 25:14.

3. Yini esizoxoxa ngayo manje?

3 Pho kungani ngezinye izikhathi abanye bengase bacabange ukuthi uNkulunkulu akabamukeli? UJehova ubonisa kanjani ukuthi uyasamukela? UmKristu angaqiniseka kanjani ukuthi uNkulunkulu uyamamukela?

OKUNGENZA ABANYE BACABANGE UKUTHI UJEHOVA AKABAMUKELI

4-5. Yini esingaqiniseka ngayo naphezu kwemizwa yokuzenyeza?

4 Iningi lethu liye lahlushwa imizwa yokuzenyeza kusukela liseyizingane. (IHu. 88:15) Umzalwane okuthiwa u-Adrián uthi: “Selokhu kwathi nhlo, ngizizwa ngingelutho. Ngiseyingane ngikhumbula ngithandazela ukuba umndeni wami uphile ePharadesi, nakuba ngangiqiniseka ukuthi angikufanelekeli ukuba lapho.” UTony, ongakhuliswanga oFakazi, uthi: “Abazali bami abakaze bangitshele ukuthi bayangithanda noma ukuthi bayaziqhenya ngami. Lokho kwangenza ngacabanga ukuthi akukho engiyoke ngikwenze okuyoke kubajabulise.”

5 Uma ngezinye izikhathi sihlushwa imizwa yokuzizwa singelutho, singakhumbula ukuthi uJehova ngokwakhe wasidonsela kuye. (Joh. 6:44) Ubona okuhle kithi thina esingase singakuboni, uyayazi nenhliziyo yethu. (1 Sam. 16:7; 2 IziKr. 6:30) Ngakho singamethemba lapho ethi siyigugu.—1 Joh. 3:​19, 20.

6. Umphostoli uPawulu wazizwa kanjani ngezono ayezenze esikhathini esidlule?

6 Ngaphambi kokuba sifunde iqiniso, abanye bethu benza izinto okungenzeka zisabenza bazizwe benecala. (1 Pet. 4:3) Ngisho namaKristu athembekile alwisana nokwenza isono. Ingabe ngezinye izikhathi uba nomuzwa wokuthi uJehova ngeke akuxolele? Uma kunjalo, makukududuze ukwazi ukuthi izinceku zikaJehova ezithembekile nazo ziye zahlushwa imizwa efanayo. Ngokwesibonelo, umphostoli uPawulu waba lusizi lapho ecabanga ngamaphutha akhe. (Roma 7:24) Yiqiniso, uPawulu wayesephendukile ezonweni zakhe wabhapathizwa. Noma kunjalo, wathi ‘ungomncane kunabo bonke abaphostoli’ futhi uyisoni “esiphambili.”—1 Kor. 15:9; 1 Thim. 1:15.

7. Yini okufanele siyikhumbule ngezono esazenza esikhathini esidlule?

7 UBaba wethu osezulwini uthembisa ukuthi uzosithethelela uma siphenduka. (IHu. 86:5) Ngakho uma sizisola ngempela ngezono esizenzile, singakwethemba lokho uJehova akushoyo—usithethelele.—Kol. 2:13.

8-9. Singakunqoba kanjani ukucabanga ukuthi asisoze sakwazi ukwenza okwanele ukuze sijabulise uJehova?

8 Sonke sifuna ukwenza konke esingakwenza ekukhonzeni uJehova. Nokho, abanye bangase bacabange ukuthi ayikho into abayoke bayenze eyokwenza uJehova abamukele. Udade okuthiwa u-Amanda uthi: “Ngivame ukucabanga ukuthi ukunika uJehova okungcono kusho ukuthi kufanele ngihlale ngenza okwengeziwe. Ngivame ukulindela okungaphezu kwalokho engikwazi ukukwenza. Lapho ‘ngihluleka,’ ngiyaye ngizitshele ukuthi noJehova ngimdumazile njengoba nje nami ngizidumazile.”

9 Singawunqoba kanjani umuzwa wokuthi asisoze sakwazi ukwenza okwanele ukuze sijabulise uJehova? Khumbula ukuthi uJehova uyacabangela. Akalokothi alindele ukuba senze okungaphezu kwamandla ethu. Wazisa noma yini esimenzela yona uma nje senza okusemandleni ethu. Cabanga nangezibonelo eziseBhayibhelini zalabo abakhonza uJehova ngomphefumulo wonke. Ngokwesibonelo, cabanga ngoPawulu. Wasebenza kanzima iminyaka eminingi ehamba amabanga amade, emisa namabandla amaningi. Nokho, ingabe uNkulunkulu akabange esamamukela lapho izimo zingasamvumeli ukuba enze okwengeziwe emsebenzini wokushumayela? Cha. Waqhubeka enza lokho ayekwazi ukukwenza futhi uJehova wambusisa. (IzE. 28:​30, 31) Ngendlela efanayo, lokho esikwenzela uJehova kungase kungafani ngaso sonke isikhathi. Kodwa okubalulekile kuye izisusa zethu. Manje ake sixoxe ngezinye izindlela uJehova abonisa ngazo ukuthi uyasamukela.

UJEHOVA UBONISA KANJANI UKUTHI UYASAMUKELA?

10. “Singamuzwa” kanjani uJehova ethi uyasamukela? (Johane 16:27)

10 Ubonisa ngeBhayibheli. UJehova uyathanda ukubonisa ukuthi uyabamukela labo abathandayo. ImiBhalo ikhuluma ngezenzakalo ezimbili lapho uJehova atshela khona uJesu ukuthi uyiNdodana yakhe ethandekayo ayamukele. (Math. 3:17; 17:5) Ungathanda yini ukuzwa uJehova ekuqinisekisa ngokuthi uyakwamukela? UJehova akakhulumi nathi ngokuqondile, kodwa ukhuluma nathi esebenzisa iZwi lakhe. Lapho sifunda amazwi kaJesu emaVangelini kuba njengokungathi “sizwa” uJehova ethi uyasamukela. (Funda uJohane 16:27.) UJesu wabulingisa ngokuphelele ubuntu bukaYise. Ngakho lapho sifunda ukuthi uJesu wathi uyabamukela abalandeli bakhe abanesono kodwa abathembekile, singambona ngeso lengqondo noJehova esho lawo mazwi kithi.—Joh. 15:​9, 15.

Udade usekhaya ufunda iBhayibheli.

UJehova usibonisa ngezindlela eziningi ukuthi uyasamukela (Bheka izigaba 10)


11. Kungani ukubhekana nobunzima kungasho ukuthi uJehova akasasamukeli? (Jakobe 1:12)

11 Ubonisa ngezenzo. UJehova uyakulangazelela ukusisiza, njengokuthi asinike izinto esizidingayo. Ngezinye izikhathi, uJehova angase asivumele ukuba sibhekane nobunzima njengoba enza kuJobe olungile. (Jobe 1:​8-11) Uvivinyo alusho ukuthi uNkulunkulu akasasamukeli. Kunalokho, lusinika amathuba okubonisa ukuthi simthanda kangakanani uNkulunkulu futhi siyamethemba. (Funda uJakobe 1:12.) Njengoba esisiza ukuba sikhuthazele, siyozwa ukuthi uyasithanda futhi uyasisekela.

12. Yini esingayifunda kulokho okwenzeka kuDmitrii?

12 Cabanga ngoDmitrii umzalwane wase-Asia. Waphelelwa umsebenzi, kwaphela izinyanga eziningi engawutholi omunye. Ngakho wanquma ukwandisa inkonzo yakhe, ngaleyo ndlela ebonisa ukuthi uthembele kuJehova. Kwaphela izinyanga eziningi engawutholi umsebenzi. Wabe eseba nezinkinga zempilo kangangokuba wayesehlale esembhedeni ngenxa yokugula. Waqala ukungabaza ukuthi usengumyeni okahle nobaba okahle, wazibuza ukuthi uJehova usamamukela yini. Ngobunye ubusuku, indodakazi yakhe yambhalela ephepheni amazwi aku-Isaya 30:15: “Niyoba namandla uma nizola futhi ningethemba.” Yaya kuye embhedeni yathi, “Baba, uma uphatheke kabi ukhumbule lo mBhalo.” UDmitrii waqaphela ukuthi umndeni wakhe wawusenokudla, izingubo zokugqoka nendawo yokuhlala futhi wayembonga uJehova ngalokho. Uthi, “Okwakudingeka ngikwenze ukuhlala ngizolile, ngiqhubeke ngithembela kuNkulunkulu.” Uma ubhekene novivinyo olufanayo ungaqiniseka ngokuthi uJehova uyakukhathalela futhi uzokusiza ukhuthazele.

Umzalwane usembhedeni, uphethe iphepha njengoba indodakazi yakhe esencane ibambe isandla sakhe.

UJehova usibonisa ngezindlela eziningi ukuthi uyasamukela (Bheka isigaba 12)a


13. Obani uJehova angabasebenzisa ukuze abonise ukuthi uyasamukela, futhi ukwenza kanjani lokho?

13 Ubonisa ngesikholwa nabo. UJehova usebenzisa abafowethu nodadewethu ukuze abonise ukuthi uyasamukela. Ngokwesibonelo, angase enze abanye basho amazwi akhuthazayo ngesikhathi esifanele. Udade wase-Asia wakubona lokhu ngesikhathi ecindezeleke kakhulu. Waphelelwa umsebenzi futhi wayegula kakhulu. Ngemva kwalokho, umyeni wakhe wenza isono esikhulu, wayekiswa ukuba umdala. Lo dade wathi, “Ngangingaqondi ukuthi kungani lokhu kwakwenzeka. Ngangicabanga ukuthi mhlawumbe kukhona okubi engikwenzile futhi uJehova akasangamukeli.” Udadewethu wancenga uJehova ukuba amqinisekise ukuthi uyamamukela. UJehova wakwenza kanjani lokho? Udadewethu uthi, “Abadala bebandla baxoxa nami, bangiqinisekisa ukuthi uJehova uyangithanda.” Kamuva waphinde wacela uJehova ukuba amsize. Uthi, “Ngalo kanye lolo suku ngathola incwadi evela kubafowethu nodadewethu abathile ebandleni. Njengoba ngangifunda amazwi abo aduduzayo, ngabona ukuthi uJehova ungizwile.” Yiqiniso, ngokuvamile uJehova usebenzisa amazwi anomusa ashiwo abanye ukuze abonise ukuthi uyasamukela.—IHu. 10:17.

Abadala ababili bavakashele udade emzini wakhe. Bavule amaBhayibheli njengoba bekhuluma naye.

UJehova usibonisa ngezindlela eziningi ukuthi uyasamukela (Bheka isigaba 13)b


14. Iyiphi enye indlela uJehova abonisa ngayo ukuthi uyasamukela?

14 Enye indlela uJehova abonisa ngayo ukuthi uyasamukela ukusebenzisa esikholwa nabo ukuba basinike iseluleko lapho sisidinga. Ngokwesibonelo, ngekhulu lokuqala, uJehova wasebenzisa umphostoli uPawulu ukuba abhalele akholwa nabo izincwadi eziphefumulelwe ezingu-14. Lezo zincwadi zazineseluleko esiqinile kodwa esinothando. Kungani uJehova aphefumulela uPawulu ukuba abhale iseluleko esinjalo? UJehova unguBaba okahle, uyazeluleka izingane zakhe ‘athokozayo ngazo.’ (IzAga 3:​11, 12) Ngakho, uma sithola iseluleko esisekelwe eBhayibhelini singasibheka njengobufakazi bokuthi uNkulunkulu uyasamukela, hhayi ukuthi akasasamukeli. (Heb. 12:6) Yiziphi ezinye izinto esibona ngazo ukuthi uJehova uyasamukela?

OBUNYE UBUFAKAZI BOKUTHI UJEHOVA UYASAMUKELA

15. UJehova uwunika obani umoya wakhe ongcwele, futhi kungani lokhu kungasinika amandla?

15 UJehova unika labo abamukelayo umoya ongcwele. (Math. 12:18) Singase sizibuze, ‘Ngikwazile yini ukubonisa ezinye zezithelo zomoya kaNkulunkulu ekuphileni kwami?’ Ingabe sengibabekezelela kakhudlwana abanye kunangesikhathi ngingakamazi uJehova? Empeleni, uma uzibonisa nakakhulu izithelo zomoya kaNkulunkulu, kuyoba sobala nakakhulu kuwe ukuthi uJehova uyakwamukela!—Bheka ibhokisi elithi “Izithelo Zomoya . . . ”

Umzalwane usiza owesifazane osekhulile, umcoshela izinto azithengile eziwe esikhwameni.

Ungabubona kanjani ubufakazi bokuthi uJehova uyakwamukela? (Bheka izigaba 15)


“Izithelo Zomoya . . . ”

Hlola lolu chungechunge olunezingxenye ezingu-9 kuyi-Nqabayokulinda ukuze ufunde okwengeziwe ngasinye salezi zithelo zomoya ongcwele kaNkulunkulu.—Gal. 5:​22, 23.

  • “Uthando—Imfanelo Eyigugu” (w17.08)

  • “Injabulo—Imfanelo Esiyithola KuNkulunkulu” (w18.02)

  • “Ukuthula—Ungakuthola Kanjani?” (w18.05)

  • “Ukubekezela—Ukukhuthazela Okunenjongo” (w18.08)

  • “Umusa—Imfanelo Eboniswa Ngezwi Nangesenzo” (w18.11)

  • “Ubuhle—Yini Ongayenza Ukuze Ube Nabo?” (w19.03)

  • “Ukholo—Imfanelo Esisiza Siqine” (w19.08)

  • “Ubumnene—Kungani Kuzuzisa Ukuba Mnene?” (w20.05)

  • “Ukuzithiba—Kubalulekile Ukuze UJehova Asamukele” (w20.06)

16. Obani uJehova abasebenzisayo ukuba bashumayele izindaba ezinhle, futhi lokho kukwenza uzizwe kanjani? (1 Thesalonika 2:4)

16 UJehova uyakujabulela ukubaphathisa izindaba ezinhle labo abamukelayo. (Funda eyoku-1 Thesalonika 2:4.) Phawula indlela udade okuthiwa uJocelyn azuza ngayo ngokuxoxela abanye izindaba ezinhle. Ngelinye ilanga, uJocelyn wavuka ekuseni ecindezelekile. Uthi, “Ngangingenamandla futhi ngangizizwa ngingelusizo lwalutho. Kodwa ngangiphayona futhi kwakuwusuku lwami lokuya enkonzweni yasensimini. Ngakho ngathandaza ngabe sengiya khona.” Ekuseni ngalolo suku, uJocelyn wahlangana noMary, owesifazane onomusa owavuma ukufunda naye iBhayibheli. Kamuva ngemva kwezinyanga ezithile, uMary wathi wayekade ethandaza kuNkulunkulu ecela ukuba amsize ngesikhathi uJocelyn engqongqoza emnyango wakhe. Ecabanga ngalokho okwenzeka, uJocelyn uthi, “Ngezwa sengathi uJehova wayethi kimi, ‘Ngiyakwamukela.’” Yiqiniso ukuthi akuyena wonke umuntu oyosilalela lapho sishumayela. Kodwa singaqiniseka ngokuthi uJehova uyajabula lapho senza konke esingakwenza ukuze sixoxele abanye izindaba ezinhle.

Odade ababili bami eduze kwenqola, bashumayeza owesifazane osemusha.

Ungabubona kanjani ubufakazi bokuthi uJehova uyakwamukela? (Bheka isigaba 16)c


17. Ufundani kulokho okwashiwo uVicky ngesihlengo? (IHubo 5:12)

17 UJehova wenza labo abamukelayo bazuze enanini lesihlengo. (1 Thim. 2:​5, 6) Kodwa kuthiwani uma izinhliziyo zethu zingavumi ukwamukela ukuthi uJehova uyasamukela nakuba sinokholo esihlengweni futhi sibhapathiziwe? Khumbula, ngezinye izikhathi asinakwethembela emizweni yethu ngenxa yokuthi iyasikhohlisa, kodwa singathembela kuJehova. Ubabheka njengabalungile labo abanokholo esihlengweni futhi uthembisa ukubabusisa. (Funda iHubo 5:12; Roma 3:26) Ukuzindla ngesihlengo kwamsiza uVicky. Ngolunye usuku, ngemva kokucabangisisa ngesihlengo, waqaphela: “UJehova ubelokhu engibekezelela sonke lesi sikhathi. . . . Kodwa, kwakunjengokungathi ngithi kuye: ‘Uthando lwakho alunganele. Umhlatshelo weNdodana yakho awanele ukuthethelela izono zami.’” Ngokuzindla ngalesi sipho sesihlengo, waqala ukuzwa ukuthi uJehova uyamthanda. Nathi uma sizindla ngesihlengo siyozwa ukuthi uJehova uyasithanda futhi uyasamukela.

Umzalwane osejele ubona ngeso lengqondo uJesu elenga esigxotsheni sokuhlushwa.

Ungabubona kanjani ubufakazi bokuthi uJehova uyakwamukela? (Bheka isigaba 17)


18. Yini esingaqiniseka ngayo uma siqhubeka simthanda uBaba wethu osezulwini?

18 Nakuba singase sizame kanzima ukusebenzisa ukusikisela okukulesi sihloko, ngezinye izikhathi singase sidikibale sizibuze ukuthi uJehova uyasamukela yini. Uma lokho kwenzeka, khumbula ukuthi uyabamukela “labo abaqhubeka bemthanda.” (Jak. 1:12) Ngakho qhubeka usondela kuJehova, uziqaphele nezindlela akubonisa ngazo ukuthi uyakwamukela. Ungalokothi ukhohlwe ukuthi uJehova ‘akakude kulowo nalowo kithi.’—IzE. 17:27.

UNGAPHENDULA KANJANI?

  • Kungani abanye bengase bacabange ukuthi uJehova akabamukeli?

  • Yiziphi ezinye izindlela uJehova asibonisa ngazo ukuthi uyasamukela?

  • Kungani singaqiniseka ngokuthi uNkulunkulu uyasamukela?

INGOMA 88 Ngenze Ngazi Izindlela Zakho

a INCAZELO YESITHOMBE: Okwenzeka ngokoqobo

b INCAZELO YESITHOMBE: Okwenzeka ngokoqobo

c INCAZELO YESITHOMBE : Okwenzeka ngokoqobo

    Zulu Publications (1975-2026)
    Phuma
    Ngena
    • IsiZulu
    • Thumela
    • Okukhethayo
    • Copyright © 2026 Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania
    • Imibandela Yokusebenzisa Le Webusayithi
    • Imithetho Yokugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • Amasethingi Okugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • JW.ORG
    • Ngena
    Thumela