Watchtower UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
Watchtower
UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
IsiZulu
  • IBHAYIBHELI
  • IZINCWADI
  • IMIHLANGANO
  • wp22 No. 1 kk. 4-5
  • Kungani Kunokuzondana Okungapheli?

Ayikho ividiyo kulokhu okukhethile.

Uxolo, kube nenkinga ekufakeni ividiyo oyifunayo.

  • Kungani Kunokuzondana Okungapheli?
  • INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova (Yomphakathi)—2022
  • Izihlokwana
  • Indaba Ethi Ayifane
  • Iyini Inzondo?
  • OKWENZA ABANTU BAQALE UKUZONDANA
  • INDLELA ESAKAZEKA NGAYO
  • IBHAYIBHELI LIYAKUVEZA UKUTHI INZONDO YAQALA KANJANI
  • Singayinqoba Inzondo!
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova (Yomphakathi)—2022
  • Lapho Inzondo Ingasekho Phakade!
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova (Yomphakathi)—2022
  • Kungani Kunenzondo Kangaka?
    I-Phaphama!—1997
  • Idalwa Yini Inzondo Engaka?—Lithini IBhayibheli?
    Izihloko Ezengeziwe
Bheka Okunye
INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova (Yomphakathi)—2022
wp22 No. 1 kk. 4-5

Kungani Kunokuzondana Okungapheli?

Kungani kunokuzondana okungapheli okunonya kangaka emhlabeni? Ukuze sithole isizathu sidinga ukuqonda ukuthi iyini inzondo, kungani abantu bezondana nokuthi isakazeka kanjani.

Iyini Inzondo?

Inzondo iwumuzwa onamandla wokungamthandi othile noma ubutha obujulile ngomunye umuntu noma iqembu labantu. Ingaphezu nje kokucasukela othile okwesikhashana.

OKWENZA ABANTU BAQALE UKUZONDANA

Abantu baqala ukuzondana ngenxa yezizathu eziningi. Izikhathi eziningi, abantu abazondwa ngenxa yalokho abakwenzayo kodwa ngenxa yalokho abayikho. Labo bantu abazondwayo kungase kucatshangwe ukuthi bangabantu ababi, abayingozi futhi abangeke bashintshe. Bangase babhekwe njengabantu abaphansi, abawusongo noma abayimbangela yezinkinga. Labo abazonda abanye kungenzeka bake bahlukunyezwa, baphathwa ngendlela engenabo ubulungisa noma babhekana nezinye izenzakalo ezabangela umuzwa wenzondo ojulile.

INDLELA ESAKAZEKA NGAYO

Umuntu angase azonde umuntu angakaze ngisho ahlangane naye. Ngokwesibonelo umuntu angase athathe uhlangothi lomuntu amhloniphayo noma asondelene naye engaqaphile. Ngakho inzondo ingasakazeka kalula futhi wonke umndeni noma umphakathi ugcine usuzizwa ngendlela efanayo.

Uma siqonda indlela inzondo esakazeka kalula ngayo, kungasenza sibone ukuthi kungani abantu abaningi bezondana. Nokho, ukuze kuqedwe ukuzondana okungapheli okugcwele izwe, kumele sithole ukuthi kwaqala kanjani. Lokho sikuthola eBhayibhelini.

IBHAYIBHELI LIYAKUVEZA UKUTHI INZONDO YAQALA KANJANI

Imicibisholo emibili ejikelezayo, emelela izinto ezenza kube nenzondo. 1. Ulwazi olungelona iqiniso olutholakala kontanga, ezinkundleni zokuxhumana nasemithonjeni yezindaba. 2. Ukungabi nalwazi ngesiko, ngohlanga noma ngenkolo. 3. Ukwesaba ushintsho, ukulahlekelwa noma ukungazi ukuthi kuzokwenzekani. 4. Inzondo ingabangela ubandlululo, ukucwasa nodlame.

ABANTU ABADALWANGA BENENZONDO ENONYA. Inzondo yaqala lapho ingelosi ezulwini, ebizwa ngokuthi uSathane uDeveli, ivukela uNkulunkulu. UDeveli “wayengumbulali kusukela ekuqaleni” kokuvukela kwakhe. Njengoba ‘engumqambimanga noyise wamanga,’ uye waqhubeka egqugquzela inzondo kanye nolaka. (Johane 8:44; 1 Johane 3:11, 12) IBhayibheli limchaza njengomuntu ononya, onentukuthelo nonolaka.—Jobe 2:7; IsAmbulo 12:9, 12, 17.

UMUNTU ONESONO UTHAMBEKELE EKUBENI NENZONDO. Indoda yokuqala u-Adamu, yalandela uSathane enkambweni yakhe yesono. Ngenxa yalokho, bonke abantu baye bazuza isono. (Roma 5:12) Indodana yokuqala ka-Adamu, uKhayini, yabulala umfowabo u-Abela ngenxa yenzondo. (1 Johane 3:12) Yiqiniso, abantu abaningi bayalubonisa uthando nozwela. Ngenxa yokuthi abantu banesono, izigidi zithambekele ekubeni nobugovu, umona nokuqhosha—okuyizinto ezibangela inzondo.—2 Thimothewu 3:1-5.

UKUNGABEKEZELELANI KUBHEBHEZELA INZONDO. Izwe esiphila kulo ligqugquzela inzondo ngokukhuthaza izenzo ezingenamusa, isimo sengqondo nokuziphatha okulimazayo. Ukungabekezelelani, ukubandlululana, inkulumo elimazayo, ukuxhaphaza abanye, ukucekela phansi impahla kuqhubeka kwanda ngenxa yokuthi “lonke izwe lisemandleni omubi,” uSathane uDeveli.—1 Johane 5:19.

Nokho iBhayibheli lenza okungaphezu nje kokumane libonise ukuthi inzondo yaqala kanjani. Liveza nesixazululo.

    Zulu Publications (1975-2026)
    Phuma
    Ngena
    • IsiZulu
    • Thumela
    • Okukhethayo
    • Copyright © 2026 Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania
    • Imibandela Yokusebenzisa Le Webusayithi
    • Imithetho Yokugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • Amasethingi Okugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • JW.ORG
    • Ngena
    Thumela