INDABA YOKUPHILA
Ukufunda Ezibonelweni Ezinhle Kwangiholela Ezibusisweni Ezicebile
LAPHO ngisemncane kwakunzima ukuba ngishumayele. Lapho ngikhula, ngacelwa ukuba ngenze izinto engangingacabangi ukuthi ngingazenza. Ngakho, ake nginixoxele ngezinye izibonelo ezinhle eziye zangisiza ngakwazi ukunqoba ukwesaba futhi ngajabulela izibusiso eziningi phakathi neminyaka engu-58 ngisenkonzweni yesikhathi esigcwele.
Ngazalelwa eQuebec City, esifundeni saseQuebec esinabantu abakhuluma isiFulentshi, eCanada. Abazali bami uLouis noZélia bangikhulisela emndenini onothando. Ubaba wami wayengumuntu onamahloni futhi okuthandayo ukufunda. Ngangikujabulela ukubhala futhi nganginethemba lokuthi ngolunye usuku ngiyoba intatheli.
Lapho ngineminyaka engaba ngu-12 ubudala, uRodolphe Soucy, owayesebenza nobaba, wavakashela ekhaya ehamba nomngane wakhe. BabengoFakazi BakaJehova. Kwakungekuningi engangikwazi ngoFakazi futhi ngangingenaso isifiso esingako sokwazi ngenkolo yabo. Nokho, yangimangaza indlela enengqondo ababephendula ngayo imibuzo besebenzisa iBhayibheli. Nabazali bami nabo babemangele, ngakho sasamukela isifundo seBhayibheli.
Ngaleso sikhathi, ngangifunda esikoleni samaKatolika. Ngangivame ukuxoxa nengifunda nabo ekilasini ngalokho engangikufunda esifundweni seBhayibheli. Ngokuhamba kwesikhathi, othisha ababengabapristi bezwa ngalezi zingxoxo. Kunokuba basebenzise imiBhalo ukuze baphikise lokho engangikusho, omunye wabo wangisola phambi kwekilasi lonke ngokuba umuntu ovukelayo! Leso kwaba isimo esicindezelayo, kodwa saba nemiphumela emihle ngoba sangisiza ngabona ukuthi izimfundiso zenkolo yasesikoleni zazingavumelani nalokho okushiwo yiBhayibheli. Ngaqaphela ukuthi kwakudingeka ngiyeke ukuya kuleso sikole. Ngemvume yabazali bami ngabe sengiyofunda kwesinye isikole.
UKUFUNDA UKUTHANDA INKONZO
Ngaqhubeka nokufunda iBhayibheli kodwa ngangingathuthuki ngoba ngangesaba ukuyoshumayela endlini ngendlu. ISonto LobuKatolika lalinethonya elikhulu kubantu futhi limelene nomsebenzi wethu wokushumayela. Undunankulu waseQuebec, uMaurice Duplessis, wayezwana kakhulu naleli sonto. Ngosizo lwakhe, abantu bahlukumeza futhi bahlasela oFakazi. Ngaleso sikhathi kwakudinga isibindi ngempela ukushumayela.
Umfoweth’ uJohn Rae, owathweswa iziqu ekilasini lesi-9 leSikole SaseGiliyadi, wangisiza nganqoba ukwesaba enganginakho. UJohn, owayengumakad’ ebona wayethobekile, engumuntu ophansi futhi kulula ukuxoxa naye. Wayengajwayele ukungeluleka ngokuqondile kodwa ngafunda okuningi esibonelweni sakhe esihle. UJohn wayengakwazi ukukhuluma kahle isiFulentshi, ngakho ngangivame ukuhamba naye ensimini futhi ngimsize ngokukhuluma ulimi lwesiFulentshi. Ukuchitha isikhathi esiningi naye kwangisiza nganquma ukuba uFakazi KaJehova. Ngemva kweminyaka eyishumi ngiqale ukuxhumana noFakazi, ngabhapathizwa ngoMeyi 26, 1951.
Ibandla lethu elincane laseQuebec City lalinamaphayona amaningi. Isibonelo sawo esihle sangikhuthaza ukuba ngibe yiphayona. Ngaleso sikhathi, sasishumayela endlini ngendlu sisebenzisa iBhayibheli kuphela. Njengoba sasingenazo izincwadi, kwakudingeka sisebenzise kakhulu imiBhalo. Ngakho, ngalwela ukuba ngijwayelane namavesi eBhayibheli ukuze ngikwazi ukuvikela iqiniso. Nokho, abaningi babenqaba ukufunda noma yiliphi iBhayibheli elalingagunyaziwe iSonto LobuKatolika.
Ngo-1952, ngashada nodade othembekile uSimone Patry. Sathuthela eMontreal futhi ungakapheli unyaka sabusiswa ngokuba nendodakazi, uLise. Nakuba ngayeka ukuphayona ngaphambi nje kokuba sishade, mina noSimone sazama ukugcina ukuphila kwethu kulula ukuze sikwazi ukwenza okwengeziwe emisebenzini yebandla njengomndeni.
Kwadlula iminyaka eyishumi ngaphambi kokuba ngiphinde ngicabangisise ngokuphayona. Ngo-1962, ngesikhathi ngiseSikoleni SeNkonzo SoMbuso sabadala esathatha inyanga eBethel yaseCanada, ngabelwa ukuba ngihlale endlini eyodwa nomfowethu uCamille Ouellette. Yangichaza kakhulu indlela uCamille ayeyithanda ngayo inkonzo—ikakhulu njengoba ayeshadile futhi enendodana. Ngaleso sikhathi babembalwa abafowethu nodade eQuebec ababephayona bebe bekhulisa izingane; nokho yilokho uCamille ayezama ukukwenza. Phakathi nesikhathi sindawonye, wangikhuthaza ukuba ngicabange ngesimo sami. Ngemva nje kwezinyanga ezimbalwa, ngabona ukuthi ngangingaba yiphayona elivamile futhi. Abanye babecabanga ukuthi lokhu kwakuyisinqumo esingahlakaniphile, noma kunjalo ngaqala ukuphayona ngoba ngangiqiniseka ukuthi uJehova uzongisiza ukuba ngishumayele nakakhulu.
SIBUYELA EQUEBEC SESINGAMAPHAYONA AKHETHEKILE
Ngo-1964, mina noSimone saba amaphayona akhethekile eQuebec City, okuyikhaya lethu, lapho esakhonza khona iminyaka embalwa eyalandela. Kusukela ngaleso sikhathi, ukuphikiswa kwase kwehlile kodwa babesekhona abantu ababesiphikisa.
Ngomunye uMgqibelo ntambama, ngaboshwa eSainte-Marie, idolobha elincane, elingaqhelile kakhulu uma usuka eQuebec City. Iphoyisa langithatha langiyisa esiteshini samaphoyisa langifaka ejele ngoba ngangishumayela endlini ngendlu ngaphandle kwamaphepha emvume. Kamuva, ngamiswa phambi kwejaji uBaillargeon, owayeyindoda ethusayo. Wangibuza ukuthi ubani ozoba ummeli wami. Lapho ngisho igama likaGlen How,a ongummeli woFakazi owaziwayo, wababaza ethukile wathi: “Awu ngeke! Hhayi lowo!” UGlen How wayenedumela elihle ekuvikeleni ngokomthetho oFakazi ngalezo zikhathi. Inkantolo yangazisa kamuva ukuthi amacala ami asuliwe.
Ukuphikiswa komsebenzi wethu eQuebec kwakuphinde kwenze kube nzima ukuqasha izindawo ezifanalekayo zemihlangano yethu. Ibandla lethu elincane lakwazi ukuthola igalaji elidala elingenawo ugesi. Ukuze kufudumale lapho kunamakhaza asebusika, abafowethu babesebenzisa ihitha kawoyela. Sasivame ukuma eduze kwayo amahora ambalwa ngaphambi komhlangano ukuze sixoxe ngezindaba ezikhuthazayo.
Kuyajabulisa ukubona imiphumela emihle yomsebenzi wokushumayela kuyo yonke le minyaka. Ngawo-1960, ayembalwa amabandla ayemancane endaweni yaseQuebec City, okuyindawo yaseCôte-Nord neGaspé Peninsula. Namuhla, sekunezigodi ezingaphezu kwezimbili kulezi zindawo futhi abafowethu sebehlangana emaHholo OMbuso amahle.
SIMENYELWA EMSEBENZINI WOKUJIKELEZA
Ngo-1970, mina noSimone samenyelwa ukuba siyojikeleza. Kwathi ngo-1973, sabelwa ukuba sihambele imihlangano. Phakathi naleyo minyaka, ngafunda okuningi kubafowethu abafanelekayo abanjengoLaurier Saumurb noDavid Splane,c bobabili ababesemsebenzini wokujikeleza. Ngemva komhlangano ngamunye, mina noDavid sasinikezana amacebiso endlela esingathuthukisa ngayo lapho sifundisa. Ngikhumbula ngesinye isikhathi lapho uDavid ethi kimi: “Léonce, ngiyijabulele kakhulu inkulumo yakho yokugcina. Ibimnandi, kodwa bengingenza izinkulumo ezintathu ngakho konke lokhu okushilo!” Ngangivame ukufaka izinto eziningi kakhulu ezinkulumweni zami. Ngangidinga ukufunda ukungakhulumi izinto eziningi.
Ababonisi bezifunda babenomsebenzi wokukhuthaza ababonisi bezigodi. Nokho, abamemezeli abaningi eQuebec babengijwayele kakhulu. Babevame ukucela ukusebenza nami ensimini lapho ngivakashele izigodi zabo. Nakuba ngangikujabulela ukushumayela nabo, ngangingachithi isikhathi esanele nombonisi wesigodi. Ngesinye isikhathi, omunye umbonisi wesigodi onothando wangikhumbuza: “Kuhle ukuthi uyabanaka abafowethu, kodwa ungakhohlwa ukuthi kuleli sonto uzovakashela mina. Nami ngiyasidinga isikhuthazo!” Ngafunda okuningi kuleso seluleko.
Ngo-1976 kwenzeka into engalindelekile nebuhlungu kakhulu. USimone, umkami engimthandayo, wagula kakhulu futhi washona. Umoya wakhe wokuzidela nokuthanda kwakhe uJehova kwamenza waba unkosikazi omuhle kakhulu. Ukuzigcina ngimatasa enkonzweni kwangisiza kakhulu ngakwazi ukubhekana nokulahlakelwa nguye futhi ngiyambonga uJehova ngokungisekela ngothando phakathi naleso sikhathi esinzima. Kamuva, ngashada noCarolyn Elliott, udade oshisekayo oyiphayona okhuluma isiNgisi, owayefike eQuebec ukuzosiza lapho kwakunesidingo khona. UCarolyn ungumuntu ongenekayo futhi obathanda ngempela abanye abantu, ikakhulu labo abanamahloni noma abazizwa bebodwa. Wangisiza kakhulu lapho eba kanye nami emsebenzini wokujikeleza.
UNYAKA OBALULEKE KAKHULU
NgoJanuwari 1978, ngacelwa ukuba ngifundise eSikoleni Senkonzo Samaphayona sokuqala eQuebec. Ngangethuke kakhulu ngoba konke lokho okwakuzofundwa kwakukusha kimi njengoba kwakunjalo nakubafundi. Ngiyabonga ngoba ikilasi lokuqala engalifundisa lalihlanganisa namaphayona amaningi angomakad’ ebona. Kuningi engakufunda kubafundi nakuba ngangiwuthisha!
Kamuva ngo-1978, kwaba noMhlangano Wezizwe e-Olympic Stadium eMontreal onesihloko esithi “Ukholo Olunqobayo.” Kwakuwumhlangano omkhulu kunayo yonke esake saba nayo eQuebec, wawunabantu abangaphezu kuka-80 000. Ngabelwa ukuba ngisebenze noMnyango Wabezindaba emhlanganweni. Ngakhuluma nezintatheli eziningi futhi ngakujabulela kakhulu ukuzibona zibhala izinto eziningi ezinhle ngathi. Saba nezingxoxo nazo ezathatha amahora angaphezu kwangu-20 ku-TV nasemsakazweni futhi kwanyatheliswa namakhulu ezihloko. Kwanikezwa ubufakazi obukhulu kakhulu!
ISABELO ESISHA ENSIMINI EHLUKILE
Ngo-1996, ngafikelwa ushintsho olukhulu. Ngemva kokuba ngikhonze endaweni ekhuluma isiFulentshi eQuebec kusukela ngabhapathizwa, ngabe sengabelwa ukuba ngiyokhonza esifundeni saseToronto lapho kukhulunywa khona isiNgisi. Ngazizwa ngingafaneleki, ngangesaba nokunikeza izinkulumo ngoba ngangingasikhulumi kahle isiNgisi. Kwadingeka ngithandaze kakhulu futhi ngithembele ngokugcwele kuJehova.
Ngaphambi kokuba ngiqale ukukhonza kuleso sifunda, ngangethuke kakhulu, kodwa manje ngingasho kugcwale umlomo ukuthi ngayijabulela iminyaka emibili ngikhonza endaweni yaseToronto. UCarolyn wangisiza ngesineke ukuze ngikwazi ukukhuluma kahle isiNgisi, nabafowethu bangisekela futhi bangikhuthaza kakhulu. Ngokushesha nje saba nabangane abaningi abasha.
Ngaphezu kwemisebenzi eyengeziwe nokulungiselela imihlangano yangempelasonto, ngangivame ukuchitha isikhathi esingangehora ngoLwesihlanu ntambama ngishumayela endlini ngendlu. Abanye babengase bacabanga ‘Kungani uya ensimini ngaphambi nje kwempelasonto ematasa yomhlangano?’ Nokho, ngathola ukuthi ukuba nezingxoxo ezinhle nabantu enkonzweni kuyaqabula. Ngisho namanje, ukuba nengxenye enkonzweni kuhlale kungenza ngijabule.
Ngo-1998, mina noCarolyn sabuyiselwa eMontreal ukuba siyoba amaphayona akhethekile khona. Iminyaka eminingi, isabelo sami sasihlanganisa ukuhlela ukushumayela ngezinqola okukhethekile nokusebenza nabezindaba ukuze silungise imibono eyiphutha abantu abanayo ngoFakazi BakaJehova. Mina noCarolyn siyakujabulela manje ukushumayela kubantu abasanda kufika eCanada abavame ukufisa ukufunda okwengeziwe ngeBhayibheli.
Lapho ngibheka emuva eminyakeni engu-68 ngiyinceku kaJehova ebhapathiziwe, ngizizwa ngibusisekile ngempela. Kuye kwazuzisa kakhulu ukufunda ukuyijabulela inkonzo nokusiza abantu bazi iqiniso. Ngemva kokuba izingane zendodakazi yami uLise nomyeni wakhe sezikhulile, baqala ukuba amaphayona avamile. Ngijabula kakhulu lapho ngibona intshiseko anayo ngenkonzo. Ngiwabonga ngokukhethekile amaKristu angisiza ngezibonelo zawo ezinhle nezeluleko zawo ezihlakaniphile ezangisiza ngaba nobuhlobo obuqinile noJehova nokumkhonza ngezindlela eziningi. Ngithole ukuthi ukuhlala sithembekile ezabelweni zethu kungenzeka kuphela lapho sincika emandleni omoya ongcwele kaJehova. (IHu. 51:11) Ngiqhubeka ngimbonga uJehova ngokunginika ilungelo eliyigugu lokudumisa igama lakhe!—IHu. 54:6.
a Bheka indaba yokuphila kaW. Glen How enesihloko esithi “Impi Akuyona Eyenu, NgekaNkulunkulu” kuyi-Phaphama! ka-Ephreli 22, 2000.
b Bheka indaba yokuphila kaLaurier Saumur, enesihloko esithi “I Found Something Worth Fighting For,” kuyi-Nqabayokulinda yesiNgisi kaNovemba 15, 1976.
c UDavid Splane oyilungu leNdikimba Ebusayo yoFakazi BakaJehova.