Watchtower UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
Watchtower
UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
IsiZulu
  • IBHAYIBHELI
  • IZINCWADI
  • IMIHLANGANO
  • mwb24 Januwari kk. 14-15
  • Febhuwari 26–Mashi 3

Ayikho ividiyo kulokhu okukhethile.

Uxolo, kube nenkinga ekufakeni ividiyo oyifunayo.

  • Febhuwari 26–Mashi 3
  • INcwajana YoMhlangano Wokuphila KobuKristu Nenkonzo Yethu—2024
INcwajana YoMhlangano Wokuphila KobuKristu Nenkonzo Yethu—2024
mwb24 Januwari kk. 14-15

FEBHUWARI 26–MASHI 3

IHUBO 11-15

Ingoma 139 Nomthandazo | Amazwi Okuvula (1 umz.)

INGCEBO ESEZWINI LIKANKULUNKULU

1. Zibone Ngeso Lengqondo Usezweni Elisha LikaNkulunkulu Elinokuthula

(10 imiz.)

Lapho abantu bengawuhloniphi umthetho nendlela izinto ezihlelwe ngayo kuba nobudlova esibubonayo namuhla (Hu 11:2, 3; w06 5/15 18 ¶3)

Singaqiniseka ngokuthi maduze nje uJehova uzobuqeda ubudlova (Hu 11:5; wp16.4 11)

Ukucabanga ngesithembiso sikaJehova sensindiso kungasisiza sikulinde ngesineke ukukhululwa kwethu (Hu 13:5, 6; w17.08 7 ¶15)

Intombazane izilalele kamnandi ngaphansi kwesihlahla ehlathini ebusuku. Ingwe iziphumulele esihlahleni ngaphezu kwentombazane.

ZAMA LOKHU: Funda uHezekeli 34:25 bese uthi ukucabanga kancane, uzibone ngeso lengqondo ukuleyo ndawo enokuthula echazwe kuleli vesi.—kr 236 ¶16.

2. Amagugu Angokomoya

(10 imiz.)

  • Hu 14:1—Isimo sengqondo esichazwe kuleli vesi singawathinta kanjani amaKristu? (w13 9/15 19 ¶12)

  • Yimaphi amagugu owathole ekufundwenikweBhayibheli kwaleli sonto?

3. Ukufundwa KweBhayibheli

(4 imiz.) Hu 13:1–14:7 (th isifundo 2)

YIBA UMSHUMAYELI NOMFUNDISI ONGCONO ENSIMINI

4. Ukuqala Ingxoxo

(2 imiz.) UKUSHUMAYELA NGOKWETHUKELA. Memela umuntu eSikhumbuzweni. (lmd isifundo 5 iphuzu 3)

5. Ukuqala Ingxoxo

(1 umz.) ENDLINI NGENDLU. Memela umuntu eSikhumbuzweni. (lmd isifundo 3 iphuzu 4)

6. Ukuqala Ingxoxo

(3 imiz.) ENDLINI NGENDLU. Umuntu ubonakala esithanda isimemo seSikhumbuzo. (lmd isifundo 7 iphuzu 4)

7. Ukwenza Abafundi

(5 imiz.) lff isifundo 13 ukubuyekeza, ufundeni, umgomo. Sebenzisa isihloko esisengxenyeni ethi “Hlola Okwengeziwe” ukuze usize umfundi aqonde indlela uNkulunkulu azizwa ngayo ngenkolo yamanga. (th isifundo 12)

UKUPHILA NJENGAMAKRISTU

Ingoma 8

8. “Ukuhlakanipha Kungcono Kunezikhali Zempi”

(10 imiz.) Ingxoxo.

Ubaba okuvidiyo ethi “Lingisa Abanokholo, Hhayi Abangenalo—U-Enoke, Hhayi ULameka,” uzindla ngalokho akufunda eBhayibhelini. Ngeso lengqondo ubona u-Enoke ecashe emgedeni njengoba amadoda aphethe izikhali emfuna.

Luyanda udlame emhlabeni wonke. UJehova uyazi ukuthi udlame esilubonayo nesibhekana nalo lungasenza sikhathazeke kakhulu. Uyaqonda nokuthi siyasidinga isivikelo. Enye indlela asivikela ngayo yiZwi lakhe, iBhayibheli.—Hu 12:5-7.

IBhayibheli linokuhlakanipha ‘okungcono kunezikhali zempi.’ (Shu 9:18) Cabanga ngendlela izimiso zeBhayibheli ezilandelayo ezingasisiza ngayo sigweme ukuba yizisulu zodlame.

  • Shu 4:9, 10—Gwema ukuba wedwa ezindaweni ezingaphephile nasezimweni eziyingozi

  • IzA 22:3—Hlale uqaphile ukuthi yini eyenzekayo endaweni okuyo uma usendaweni yomphakathi

  • IzA 26:17—Ungazingeni izingxabano okungezona ezakho

  • IzA 17:14—Hamba uma kubonakala sengathi kuzosuka impi. Hambela kude nezixuku zabantu ezihlangana ukuze zizobhikisha

  • Luk 12:15—Ungalokothi ubeke ukuphila kwakho engozini ukuze uvikele izinto onazo

Dlala IVIDIYO ethi Lingisa Abanokholo, Hhayi Abangenalo—U-Enoke, Hhayi ULameka. Ngemva kwalokho, buza izilaleli:

Isibonelo sika-Enoke sasithinta kanjani isinqumo sikababa okule vidiyo nendlela ayeziphatha ngayo ngesikhathi kunodlame?—Heb 11:5

Kwezinye izimo, umKristu angase abone isidingo sokwenza okuthile ukuze avikele yena nempahla yakhe. Uma kunjalo, uyokwenza konke angakwenza ukuze agweme ukubulala umuntu bese eba necala legazi.—Hu 51:14; bheka isihloko esithi “Imibuzo Evela Kubafundi” kuyi-Nqabayokulinda kaJulayi 2017.

9. Umkhankaso WeSikhumbuzo Uzoqala NgoMgqibelo, Mashi 2

(5 imiz.) Inkulumo ebekwa umdala. Xoxa kafushane ngezinhlelo zalo mkhankaso, inkulumo ekhethekile neSikhumbuzo. Khumbuza abamemezeli ukuthi bangakhetha ukuba amaphayona asizayo babike amahora angu-15 ngoMashi nango-Ephreli.

10. ISifundo SeBhayibheli Sebandla

(30 imiz.) bt isahl. 6 ¶9-17

Amazwi Okuphetha (3 imiz.) | Ingoma 40 Nomthandazo

    Zulu Publications (1975-2026)
    Phuma
    Ngena
    • IsiZulu
    • Thumela
    • Okukhethayo
    • Copyright © 2026 Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania
    • Imibandela Yokusebenzisa Le Webusayithi
    • Imithetho Yokugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • Amasethingi Okugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • JW.ORG
    • Ngena
    Thumela