Watchtower UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
Watchtower
UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
IsiZulu
  • IBHAYIBHELI
  • IZINCWADI
  • IMIHLANGANO
  • mwb24 Januwari kk. 12-13
  • Febhuwari 19-25

Ayikho ividiyo kulokhu okukhethile.

Uxolo, kube nenkinga ekufakeni ividiyo oyifunayo.

  • Febhuwari 19-25
  • INcwajana YoMhlangano Wokuphila KobuKristu Nenkonzo Yethu—2024
INcwajana YoMhlangano Wokuphila KobuKristu Nenkonzo Yethu—2024
mwb24 Januwari kk. 12-13

FEBHUWARI 19-25

IHUBO 8-10

Ingoma 2 Nomthandazo | Amazwi Okuvula (1 umz.)

INGCEBO ESEZWINI LIKANKULUNKULU

1. “O Jehova, Ngizokudumisa”!

(10 imiz.)

UJehova muhle kakhulu kithi (Hu 8:3-6; w21.08 3 ¶6)

Siyakujabulela ukudumisa uJehova ngokutshela abanye ngemisebenzi yakhe emangalisayo (Hu 9:1; w20.05 23 ¶10)

Siyamdumisa nalapho simculela ngenhliziyo yonke (Hu 9:2; w22.04 7 ¶13)

Esikubona ezithombeni: Izindlela esingadumisa ngazo uJehova. 1. Udade osekhulile ushumayeza umuntu omnakekelayo. 2. Abafowethu nodadewethu bayacula emhlanganweni. 3. Umfanyana uphakamise isandla emhlanganweni webandla ukuze aphendule. 4. Umzalwane osemusha uhlanza iHholo loMbuso. 5. Udade osemusha ushumayeza afunda naye.

ZIBUZE, ‘Yiziphi ezinye izindlela engingadumisa ngazo uJehova?’

2. Amagugu Angokomoya

(10 imiz.)

  • Hu 8:3—Wayeshoni umhubi lapho ekhuluma ngeminwe kaNkulunkulu? (it-1-E 832)

  • Yimaphi amagugu owathole ekufundwenikweBhayibheli kwaleli sonto?

3. Ukufundwa KweBhayibheli

(4 imiz.) Hu 10:1-18 (th isifundo 11)

YIBA UMSHUMAYELI NOMFUNDISI ONGCONO ENSIMINI

4. Ukuqala Ingxoxo

(3 imiz.) ENDLINI NGENDLU. Umninikhaya ukutshela ukuthi akakholelwa kuNkulunkulu. (lmd isifundo 5 iphuzu 4)

5. Ukubuyela Koxoxe Naye

(4 imiz.) UKUSHUMAYELA NGOKWETHUKELA. Ngesikhathi nixoxa ngokudlule umuntu wakutshela ukuthi akakholelwa kuNkulunkulu, kodwa akanankinga nokuhlola ubufakazi obubonisa ukuthi ukhona uMdali. (th isifundo 7)

6. Inkulumo

(5 imiz.) w21.06 6-7 ¶15-18—Isihloko: Siza Obafundela IBhayibheli Badumise UJehova. (th isifundo 10)

UKUPHILA NJENGAMAKRISTU

Ingoma 10

7. Indlela Ongashumayela Ngayo Ngokwethukela Ngendlela Engokwemvelo

(10 imiz.) Ingxoxo.

Enye indlela esingadumisa ngayo uJehova kakhudlwana iwukushumayeza labo esihlangana nabo lapho senza imisebenzi yansuku zonke. (Hu 35:28) Ekuqaleni, singase sesabe ukushumayela ngokwethukela. Nokho, lapho sifunda ukuthi singayiqala kanjani ingxoxo futhi siqhubeke nayo ngendlela engokwemvelo singenza kahle kakhulu futhi sikujabelele ukushumayela ngokwethukela!

Isithombe salokho okuvela kuvidiyo ethi “Kulungele Ukuxoxela Abanye ‘Izindaba Ezinhle Zokuthula’—Thatha Isinyathelo.” Udade uqalisa ingxoxo nowesifazane ohlezi etafuleni eliseduze nelabo.

Dlala IVIDIYO ethi Kulungele Ukuxoxela Abanye “Izindaba Ezinhle Zokuthula”—Thatha Isinyathelo. Ngemva kwalokho, buza izilaleli:

Yini oyifunde kule vidiyo engakusiza wenze kangcono lapho ushumayela ngokwethukela?

Nawa amacebiso angakusiza uqale ingxoxo:

  • Waphaphamele amathuba okuqalisa izingxoxo njalo lapho uphuma endlini.Thandaza ngakho, ucele uJehova akusize uthole umuntu othandayo ukulalela

  • Yiba nobungani, ubonise ukuthi uyabakhathalela abantu ohlangana nabo. Zama ukuthola into ethile ngomuntu engakusiza ubone ukuthi yimaphi amaqiniso eBhayibheli angawajabulela

  • Zama ukubona ukuthi ungakwazi yini ukucela imininingwane yakhe, uma kufaneleka

  • Ungadumali uma ingxoxo iphela ngaphambi kokuba uthole ithuba lokushumayela

  • Cabanga ngomuntu ngisho nangemva kokuba senixoxile. Qhubeka umbonisa ukuthi uyamkhathalela ngokumthumelela i-link yevesi leBhayibheli noma yesihloko esiku-jw.org

Zama lokhu: Uma umuntu ekubuza, ‘Ihambe kanjani impelasonto yakho?,’ mtshele ngokuthile okufunde emhlanganweni noma ngomsebenzi owenzayo wokufundisa abantu iBhayibheli.

8. Izidingo Zebandla

(5 imiz.)

9. ISifundo SeBhayibheli Sebandla

(30 imiz.) bt isahl. 6 ¶1-8 nesethulo sengxenye 2

Amazwi Okuphetha (3 imiz.) | Ingoma 65 Nomthandazo

    Zulu Publications (1975-2026)
    Phuma
    Ngena
    • IsiZulu
    • Thumela
    • Okukhethayo
    • Copyright © 2026 Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania
    • Imibandela Yokusebenzisa Le Webusayithi
    • Imithetho Yokugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • Amasethingi Okugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • JW.ORG
    • Ngena
    Thumela