Watchtower UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
Watchtower
UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
IsiZulu
  • IBHAYIBHELI
  • IZINCWADI
  • IMIHLANGANO
  • mwb23 Januwari k. 5
  • Qinisa Ukholo Lwakho Ngezwi LikaNkulunkulu

Ayikho ividiyo kulokhu okukhethile.

Uxolo, kube nenkinga ekufakeni ividiyo oyifunayo.

  • Qinisa Ukholo Lwakho Ngezwi LikaNkulunkulu
  • INcwajana YoMhlangano Wokuphila KobuKristu Nenkonzo Yethu—2023
  • Indaba Ethi Ayifane
  • Izinqumo Ezibonisa Ukuthi Sithembela KuJehova
    INcwajana YoMhlangano Wokuphila KobuKristu Nenkonzo Yethu—2023
  • Ukufunda IBhayibheli Nsuku Zonke Nokufuna Ukuhlakanipha
    INcwajana YoMhlangano Wokuphila KobuKristu Nenkonzo Yethu—2023
  • Indlela Esingahlala Ngayo Siqotho Lapho Ukholo Lwethu Luvivinywa
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova (Efundwayo)—2026
  • Thola Izimpendulo Zale Mibuzo
    Isimiso SoMhlangano Wesigodi Onombonisi Wesigodi Ka-2025-2026
Bheka Okunye
INcwajana YoMhlangano Wokuphila KobuKristu Nenkonzo Yethu—2023
mwb23 Januwari k. 5
Izithombe: Udade osemusha uyafunda futhi utadisha iBhayibheli. 1. Wenza uhlu labalingiswa abaseBhayibhelini ebhodini. 2. Ufunda inguqulo entsha “IBhayibheli ImiBhalo Engcwele” ku-jw.org. 3. Ubheka amazwe ebalazweni eliseBhayibhelini. 4. Udweba isithombe sompristi ophakeme futhi ubhala amagama ezingxenye zezingubo zakhe.

UKUPHILA NJENGAMAKRISTU

Qinisa Ukholo Lwakho NgeZwi LikaNkulunkulu

IZwi LikaNkulunkulu lingashintsha ukuphila kwethu. (Heb 4:12) Nokho, ukuze iziqondiso nezeluleko zalo zisizuzise, kudingeka siqiniseke ukuthi ‘liyizwi likaNkulunkulu’ ngempela (1Th 2:13) Singaliqinisa kanjani ukholo lwethu sisebenzisa iBhayibheli?

Funda ingxenye ethile yeBhayibheli usuku ngalunye. Njengoba ufunda, bheka ubufakazi bokuthi uJehova unguMbhali walo. Ngokwesibonelo, hlola ubufakazi obutholakala encwadini yezAga, uhlole nokuhlakanipha kwalo okungaphelelwa isikhathi.​—IzA 13:20; 14:30.

Qala umgomo wokutadisha. Zijwayelanise nobufakazi obubonisa ukuthi iBhayibheli liphefumulelwe. ENcwadini Yokucwaninga YoFakazi BakaJehova, bheka ngaphansi kwesihlokwana esithi “IBhayibheli” nesithi “Liphefumulelwe UNkulunkulu.” Ungaphinde uqinise ukholo lwakho lokuthi umyalezo weBhayibheli awukaze ushintshe ngokuhlola ukwazisa okuqukethwe ISithasiselo A3 eBhayibhelini ImiBhalo Engcwele.

BUKELANI IVIDIYO ETHI OKWENZA SIBE NOKHOLO. . . EZWINI LIKANKULUNKULU BESE NIPHUNDULA LE MIBUZO ELANDELAYO:

  • Ukutholakala kodonga lwethempeli eKarnak, e-Egypt, kukufakazela kanjani ukuthi iZwi likaNkulunkulu liyiqiniso?

  • Sazi kanjani ukuthi umyalezo weBhayibheli awukashintshi?

  • Ukusinda kweBhayibheli kukwenza kanjani ukholelwe ukuthi liyiZwi likaNkulunkulu?​—Funda u-Isaya 40:8

    Zulu Publications (1975-2026)
    Phuma
    Ngena
    • IsiZulu
    • Thumela
    • Okukhethayo
    • Copyright © 2026 Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania
    • Imibandela Yokusebenzisa Le Webusayithi
    • Imithetho Yokugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • Amasethingi Okugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • JW.ORG
    • Ngena
    Thumela