UKUPHILA NJENGAMAKRISTU
Qiniseka Ukuthi Ungabhekana Nezinkinga Zomnotho
Ukuphila kulezi zinsuku zokugcina kugcwele izinkathazo. Njengoba sisondela ekupheleni kwalesi simiso sezinto, kuzoba nzima nakakhulu. Kungenzeka siswele izinto eziyisisekelo zokuphila. (Hab 3:16-18) Yini engasisiza sibhekane ngokuqiniseka nezinkinga zezomnotho? Kumele siqhubeke sithembela kuNkulunkulu wethu uJehova. Uthembise ukuthi uzozinakekela izinceku zakhe futhi angakwazi ukusisiza kunoma yiziphi izimo.—Hu 37:18, 19; Heb 13:5, 6.
Lokho ongakwenza:
Ncenga uJehova ukuba akuqondise, akuphe ukuhlakanipha futhi akusekele.—Hu 62:8
Kulungele ukwenza umsebenzi ongakaze uwenze.—g 1/10 8-9, amabhokisi
Qhubeka nesimiso esihle sezinto ezingokomoya, okuhlanganisa ukufunda iZwi likaNkulunkulu nsuku zonke, ukuya emihlanganweni yebandla nokuhlanganyela enkonzweni
BUKELANI IVIDIYO ETHI YAKHA INDLU EYOKUMA PHAKADE—‘YANELISWANI IZINTO EZIKHONA’ BESE NIPHENDULA LE MIBUZO ELANDELAYO:
Yiziphi izinselele eminye imindeni eyabhekana nazo?
Yini ebaluleke kakhulu ekuphileni?
Singabasiza kanjani labo ababhekene nobunzima bezomnotho?