UKUPHILA NJENGAMAKRISTU
Indlela Yokwenza Umhlangano Wenkonzo Yasensimini Ube Ozuzisayo
Njengayo yonke imihlangano yebandla, umhlangano wenkonzo uyilungiselelo elivela kuJehova elisisiza ukuba sivuselelane uthando nemisebenzi emihle. (Heb 10:24, 25) Lo mhlangano kumelwe ube yimizuzu emihlanu noma eyisikhombisa ubude, uhlanganisa ukuhlela amaqembu, ukuhlela ukuthi iyiphi insimu ezosetshenzwa nokuthandaza. (Uma lo mhlangano ungemva kwemihlangano yebandla, kumelwe ube mfushane nakakhulu.) Oqhuba lo mhlangano kufanele alungiselele okungasiza labo abazoya ensimini ngalolo suku. Ngokwesibonelo, uma kunguMgqibelo, abaningi basuke bengazange babe khona ensimini phakathi nezinsuku, basuke begcine ngempelasonto edlule, kuhle ukucabangela okungaba usizo. Yiziphi ezinye izinto ongakhuluma ngazo ezingaba usizo?
Ingxenye ethi Ongase Uxoxe Ngakho ethathwe encwajaneni ethi INcwajana YoMhlangano Wokuphila KobuKristu Nenkonzo Yethu
Indlela ongakusebenzisa ngayo okusanda kwenzeka noma umbiko wezindaba ukuze uqale ingxoxo
Indlela ongaphendula ngayo umuntu ophikisa ngendlela evamile
Indlela ongaphendula ngayo umuntu ongakholelwa kuNkulunkulu, okholelwa ekuziphendukeleni kwemvelo, okhuluma olunye ulimi noma umuntu osonta esontweni elingajwayelekile endaweni yangakini
Indlela yokusebenzisa i-jw.org, i-JW Library® noma iBhayibheli
Indlela yokusebenzisa amathuluzi aseBhokisini Lamathuluzi Okufundisa
Indlela yokusebenzisa ezinye izindlela zokushumayela njengokufakaza ngocingo, ukubhala izincwadi, ukufakaza obala, ukwenza izimpindelo noma ukuqhuba izifundo zeBhayibheli
Izikhumbuzo zokuphepha, ukuvumelana nezimo, ukuphatha kahle abanye, isimo sengqondo esihle noma okunye okufana nalokhu
Isifundo noma ividiyo ethathwe encwajaneni ethi Zimisele Ekufundeni Nasekufundiseni
Indlela yokukhuthaza nokusiza osebenza naye ensimini
Umbhalo okhuluma ngenkonzo noma indaba ekhuthazayo etholakale enkonzweni yasensimini