UKUPHILA NJENGAMAKRISTU
Khetha Abangane Ngokuhlakanipha
Okwenzeka ku-Israyeli emathafeni akwaMowabi kuyisibonelo esiyisixwayiso kumaKristu. (1Ko 10:6, 8, 11) Ama-Israyeli azihlanganisa nabesifazane bakwaMowabi abaziphatha kabi ngokocansi, akhonza izithombe alingwa ukuba enze izinto ezingalungile. Lokhu kwaba nemiphumela ebuhlungu. (Num 25:9) Nathi siphila nabantu abangamkhonzi uJehova, kungaba esisebenza nabo, esifunda nabo, omakhelwane, izihlobo noma abantu esibajwayele. Yini esingayifunda kulesi sibonelo esiseBhayibhelini ngokuzihlanganisa nabantu abanjalo?
BUKELANI IVIDIYO ETHI IZIBONELO EZIYIZIXWAYISO OSUKWINI LWETHU—ISIQEPHU BESE NIPHENDULA LE MIBUZO ELANDELAYO:
UZimri nabanye bamthonya kanjani uJamini?
UFinehasi wamsiza kanjani uJamini wabheka izinto ngendlela efanele?
Uyini umehluko phakathi kokuba nobungane nokuba umngane womuntu ongeyena uFakazi kaJehova?
Kungani kubalulekile ukuba siqaphe lapho sikhetha abangane ngisho nasebandleni lobuKristu?
Kungani kufanele sigweme amaqembu anabantu esingabazi kwezokuxhumana?