UKUPHILA NJENGAMAKRISTU
Unganikela Yini Ngesikhathi Nangamandla Akho?
Njengoba u-Isaya aprofetha, sibona ingxenye yasemhlabeni yenhlangano kaJehova ikhula ngendlela okungakaze kwenzeke ngayo. (Isaya 54:2) Ngenxa yalokhu kwanda kudingeka kwakhiwe amaHholo OMbuso, amaHholo Omhlangano nezakhiwo zegatsha. Ngemva kokuba lezi zakhiwo sezakhiwe, zidinga ukunakekelwa futhi ngokuhamba kwesikhathi ezinye zidinga ukulungiswa. Yimaphi amathuba lokhu okusinika wona okunikela kuJehova ngesikhathi nangamandla ethu?
Singasiza ekuhlanzeni iHholo LoMbuso lapho iqembu lethu labelwe ukuhlanza
Singavolontiya ukuba siqeqeshelwe ukunakekela iHholo LoMbuso
Singagcwalisa isicelo sokusiza ku-LDC (DC-50) ukuze sisize ngezikhathi ezithile lapho kwakhiwa noma kulungiswa izakhiwo eziseduze nalapho sihlala khona
Singagcwalisa isicelo sokusiza nakwezinye izinto (A-19) ukuze sisize iviki elilodwa noma isikhathi esengeziwe kuzo zonke izindawo ezingaphansi kwegatsha lethu noma kwelinye igatsha
BUKELA IVIDIYO ETHI IZINHLELO EZINTSHA ZOMSEBENZI WOKWAKHA—ISIQEPHU, BESE UPHENDULA LE MIBUZO ELANDELAYO:
Chaza indlela esesiwasebenzisa kakhulu ngayo amavidiyo manje kunango-2014?
Yimuphi umsebenzi wokwakha ohleliwe ozosisiza sihlangabezane nesidingo samavidiyo adingekayo futhi uzothatha isikhathi esingakanani?
Amavolontiya angasiza kanjani kulo msebenzi?
Uma ufuna ukuyosiza emsebenzini wokwakha eRamapo, kungani kufanele ufake isicelo sokusiza ku-LDC (DC-50) bese usiza emsebenzini wokwakha oseduze nalapho uhlala khona?
Yibuphi ubufakazi esibubonile obubonisa ukuthi uJehova uyawuqondisa lo msebenzi?
Singawusekela kanjani lo msebenzi ngisho noma singakwazi ukusiza ngokoqobo emsebenzini wokwakha?