Ukwakhiwa KwamaHholo OMbuso—Isici Esibalulekile Senkonzo Engcwele
1. Yini eye yafezwa maqondana nokwakhiwa kwamaHholo OMbuso, kodwa isiphi isidingo esisekhona?
1 Phakathi neminyaka emihlanu edlule, kuye kwakhiwa amaHholo OMbuso angu-262, kwalungiswa namaningi ensimini yegatsha laseNingizimu Afrika. Siwazisa ngempela umsebenzi omkhulu owenziwe amaKomiti Okwakha Ezifunda kanye nabo bonke abawasiza. Nakuba sekufezwe umsebenzi omkhulu impela, kusenomsebenzi omningi ngokuqondene nokwakhiwa kwamaHholo OMbuso. Sisonke, singasisekela kanjani lesi sici esibalulekile senkonzo yethu kuJehova?—IsAm. 7:15.
2. Singawusekela kanjani ngokuqondile umsebenzi wokwakhiwa kwamaHholo OMbuso?
2 Yiba Nomoya Wokufuna Ukusiza: Uma ungummemezeli obhapathiziwe, sikucela ukuba uvolontiye ukusebenza neKomiti Yokwakha Yesifunda ngokugcwalisa ifomu elithi Kingdom Hall Volunteer Worker Questionnaire. (IHu. 110:3) Bonke abavolontiya ukusiza kumelwe babe izisebenzi ezinomoya wokufuna ukusiza nowokubambisana nabanye. (IHu. 133:1) Ngisho noma ungenawo amakhono okwakha, kuningi ongasiza ngakho ukuze umsebenzi wokwakha uphumelele. Ungase futhi uqeqeshwe, ngaleyo ndlela ukwazi ukusetshenziswa nakakhulu esikhathini esizayo.
3. Singabonisa ngaziphi ezinye izindlela ukuthi siyalisekela leli lungiselelo?
3 Uma ungeke ukwazi ukuvolontiya, ungabonisa ukuthi uyasekela ngokukhuthaza abanye abakwaziyo ukwenza lo msebenzi. Ungasiza ngokwenza izabelo ezithile zalabo abangekho ebandleni abayosiza esakhiweni. Ngokuhlela kusengaphambili, abadala bangaqiniseka ukuthi ibandla linakekelwa kahle lapho kunabathile abaye esakhiweni seHholo LoMbuso. Akungatshazwa ukuthi uJehova uyajabula lapho sisebenza ndawonye ngobunye ukuze kuthuthukiswe izithakazelo zoMbuso.—Heb. 13:16.
4. Singabakha kanjani labo abasebenza ezakhiweni zamaHholo OMbuso?
4 Yiba Umuntu Okhuthazayo: Ukwakha izindawo zokukhulekela kuhilela umsebenzi omkhulu nesikhathi esiningi. Ngakho-ke, kuyaqondakala ukuthi labo abasiza ezakhiweni bayoke bangabi khona emabandleni abo ngezinye izikhathi. Kungaba kuhle ukuwancoma futhi siwakhuthaze la mavolontiya azidelayo ukuze kwenziwe lo “msebenzi odingekile.”—IzE. 6:3; Roma 14:19.
5. Amavolontiya angakubonisa kanjani ukulinganisela?
5 Linganisela: Ukushumayela ngoMbuso kaNkulunkulu isici esiyinhloko sokukhulekela kwethu. (Marku 13:10) Ecabangela leli qiniso, amaKomiti Okwakha Ezifunda ayazama ukuhlela imisebenzi yokwakha ngendlela yokuthi amavolontiya angaphuthi emihlanganweni yawo ebandleni ngokungadingekile. Ngokufanayo, amavolontiya alwela ukulinganisela lapho enza imisebenzi yawo ehlukahlukene. Ayaqiniseka ukuthi izabelo zawo zebandla ziyenziwa lapho wona engekho.
6. Yini efezwayo lapho bonke abantu ebandleni besebenza ngokubambisana ekuthuthukiseni ukukhulekela kweqiniso?
6 Umphostoli uPawulu wachaza amalungu ebandla ngokuthi asebenza ndawonye ngobunye ‘ebangela ukukhula komzimba ukuze uzakhe othandweni.’ (Efe. 4:16) Uthando esinalo ngoJehova nokukhulekela kweqiniso lusishukumisela ukuba sisebenze ngokubambisana ukuze kushunyayelwe izindaba ezinhle futhi sisekele ukwakhiwa kwamaHholo OMbuso.