Septhemba 7-13
EKSODUSI 23-24
INgoma 34 Nomthandazo
Amazwi Okuvula (1 umz.)
AMAGUGU ASEZWINI LIKANKULUNKULU
“Ungalandeli Isixuku”: (10 imiz.)
Eks 23:1—Ungazixoxi izindaba ezingamanga (w18.08 4 ¶7-8)
Eks 23:2—Ungavumeli abanye bakucindezele ukuba wenze izinto ezimbi (it-1-E 11 ¶3)
Eks 23:3—Ungabakhethi abantu (it-1-E 343 ¶5)
Ukumba Sifuna Ingcebo Engokomoya: (10 imiz.)
Eks 23:9—Yini uJehova ayisho ukuze asize ama-Israyeli abonise uzwela kubantu bokufika? (w16.10 9 ¶4)
Eks 23:20, 21—Yibuphi ubufakazi obukuleli vesi obenza siphethe ngokuthi le ngelosi okukhulunywa ngayo la inguMikayeli? (it-2-E 393)
Iyiphi ingcebo oyithole ekufundweni kweBhayibheli kwaleli sonto mayelana noJehova, inkonzo yasensimini noma okunye?
Ukufundwa KweBhayibheli: (4 imiz. noma ngaphansi) Eks 23:1-19 (th isifundo 5)
YIBA UMSHUMAYELI NOMFUNDISI ONGCONO ENSIMINI
Ividiyo Ebonisa Lapho Nixoxa Okokuqala: (4 imiz.) Ingxoxo. Dlala ividiyo, bese ubuza izilaleli le mibuzo: Ummemezeli ugxile kanjani kwabavumelana ngakho lapho impendulo yomninikhaya ingashayi khona? Ummemezeli ubengayethula kanjani INqabayokulinda yomphakathi No. 3 2020?
Lapho Nixoxa Okokuqala: (3 imiz. noma ngaphansi) Qala ngokusebenzisa ingxenye ethi Ongase Uxoxe Ngakho. Yibe sewethula ividiyo ethi Kungani Kufanele Utadishe IBhayibheli? (kodwa ungayidlali) bese nixoxa ngayo. (th isifundo 1)
Inkulumo: (5 imiz. noma ngaphansi) w16.05-E 30-31—Isihloko: Yini Engasiza AmaKristu Anqume Ukuthi Kufanele Yini Anike Izisebenzi Zikahulumeni Izipho Noma Amathiphu? (th isifundo 14)
UKUPHILA NJENGAMAKRISTU
“Gwema Ukusakaza Amanga”: (15 imiz.) Ingxoxo. Dlala ividiyo ethi Ngingayigwema Kanjani Inhlebo? esengxenyeni ethi Ukufunda Ngemidwebo.
ISifundo SeBhayibheli Sebandla: (30 imiz. noma ngaphansi) ia isahl. 19 ¶1-16
Amazwi Okuphetha (3 imiz. noma ngaphansi)
INgoma 134 Nomthandazo