AMAGUGU ASEZWINI LIKANKULUNKULU | EKSODUSI 15-16
Dumisa UJehova Ngokumculela
Umculo ungayithonya kakhulu ingqondo nendlela esizizwa ngayo. Umculo unendima ebalulekile ekukhonzeni kwethu uJehova.
UMose nama-Israyeli baculela uJehova bembonga ngokubakhulula Olwandle Olubomvu ngokuyisimangaliso
INkosi uDavide yabeka amadoda angu-4 000 ukuba ashaye izinsimbi futhi acule ethempelini
Ngobusuku bangaphambi kokuba uJesu afe, yena nabaphostoli bakhe bacula izingoma bedumisa uJehova
Kunini lapho ngingaculela khona uJehova?