Watchtower UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
Watchtower
UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
IsiZulu
  • IBHAYIBHELI
  • IZINCWADI
  • IMIHLANGANO
  • mwb19 Disemba k. 7
  • Ukuthuthukisa Amakhono Ethu Enkonzweni​—⁠Ukuvumelana Nezimo

Ayikho ividiyo kulokhu okukhethile.

Uxolo, kube nenkinga ekufakeni ividiyo oyifunayo.

  • Ukuthuthukisa Amakhono Ethu Enkonzweni​—⁠Ukuvumelana Nezimo
  • INcwajana YoMhlangano Wokuphila KobuKristu Nenkonzo Yethu—2019
  • Indaba Ethi Ayifane
  • Ukushumayela Izindaba Ezinhle Ngobuhlakani
    INkonzo Yethu YoMbuso Ka-1990
  • Indlela Yokulungiselela Ukuhambisa Omagazini
    INkonzo Yethu YoMbuso Ka-2006
  • Ukushumayela Izindaba Ezinhle—Ngokuxoxa Nabantu
    INkonzo Yethu YoMbuso Ka-1990
  • Bonisa Isithakazelo Esiqotho—Ngokuvumelana Nezimo
    INkonzo Yethu YoMbuso Ka-2005
Bheka Okunye
INcwajana YoMhlangano Wokuphila KobuKristu Nenkonzo Yethu—2019
mwb19 Disemba k. 7
Odadewethu ababili basebenzisa itheblethi ukuze bashumayeze umlimi.

UKUPHILA NJENGAMAKRISTU

Ukuthuthukisa Amakhono Ethu Enkonzweni​—Ukuvumelana Nezimo

KUNGANI KUBALULEKILE: Abagcotshiwe nezinye izimvu bamema zonke izinhlobo zabantu ukuba ‘zithathe amanzi okuphila ngesihle.’ (IsAm 22:17) La manzi angokomfanekiso afanekisela wonke amalungiselelo kaJehova okukhulula abantu abalalelayo esonweni nasekufeni. Ukuze sisize abantu bamasiko nabezinkolo ezihlukahlukene kudingeka sibeke ‘izindaba ezinhle zaphakade’ ngendlela ezobakhanga.—IsAm 14:6.

INDLELA YOKUKWENZA:

  • Khetha indaba nomBhalo okuzothinta izinhliziyo zabantu abasensimini yenu. Ungase ukhethe ukusebenzisa lokho okusengxenyeni ethi Ongase Uxoxe Ngakho noma okunye oke wakusebenzisa kwaphumelela. Iziphi izindaba nemiBhalo okuthandwayo? Ingabe zikhona izindaba ezisematheni? Yini engakhanga umuntu wesilisa noma owesifazane?

  • Lapho uxoxa nomuntu mbingelele futhi wenze ngendlela evamile endaweni yangakini.—2Ko 6:3, 4

  • Jwayelana nezinto zokufunda namavidiyo okuseBhokisini Lethu Lamathuluzi Okufundisa ukuze unike noma ubani obonakala ethanda ukulalela

  • Dawuniloda okufundwayo namavidiyo olimi lwabantu ongase uhlangane nabo ensimini yenu

  • Shintsha lokho obuzokusho ukuze kuvumelane nezidingo zomninikhaya. (1Ko 9:19-23) Ngokwesibonelo, yini obungase uyisho uma uzwa ukuthi umninikhaya usanda kushonelwa?

BUKELA IVIDIYO, BESE UPHENDULA LE MIBUZO ELANDELAYO:

  • Ummemezeli uqale ngokuxoxa ngani nomninikhaya?

  • Umninikhaya wayevelelwe yini?

  • Imiphi imiBhalo ebizovumelana nalesi simo futhi kungani?

  • Ukushintsha kanjani lokho ozoxoxa ngakho ukuze kukhange abantu basensimini yenu?

    Zulu Publications (1975-2026)
    Phuma
    Ngena
    • IsiZulu
    • Thumela
    • Okukhethayo
    • Copyright © 2026 Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania
    • Imibandela Yokusebenzisa Le Webusayithi
    • Imithetho Yokugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • Amasethingi Okugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • JW.ORG
    • Ngena
    Thumela