UKUPHILA NJENGAMAKRISTU
Zuza Oshade Naye Ngokuziphatha Okumsulwa
Amakhosikazi aba amaKristu avame ukusiza abayeni bawo bamukele iqiniso ngenxa yokulingisa uKristu ekuphileni kwawo. Nokho, kungase kudingeke abekezelele ubunzima iminyaka eminingi. (1Pet 2:21-23; 3:1, 2) Uma uphathwa ngokungafanele, qhubeka unqoba okubi ngokuhle. (Ro 12:21) Nakuba umyeni wakho angase angakulaleli lapho umtshela ngoJehova, isibonelo sakho esihle singase simenze ashintshe.
Zama ukubheka izinto ngendlela umyeni wakho azibheka ngayo. (Fil 2:3, 4) Bonisa ukuthi uyayiqonda indlela azizwa ngayo, uzwelane naye bese wenza okusemandleni akho ukuze uyifeze ngenhlonipho indima yakho. Mlalele ngesineke. (Jak 1:19) Yiba nesineke futhi umtshele umyeni wakho ukuthi uyamthanda. Ngisho noma engakuphathi ngomusa nangenhlonipho wena omphatha ngayo, qiniseka ukuthi uJehova uyakwazisa ukwethembeka kwakho.—1Pet 2:19, 20.
BUKELA IVIDIYO ETHI UJEHOVA UYASIQINISA UKUZE SITHWALE IMITHWALO YETHU, BESE UPHENDULA LE MIBUZO ELANDELAYO:
Kwakunjani ukuphila kukaGrace Li lapho esanda kushada?
Yini eyamenza wathanda amaqiniso aseBhayibhelini?
Udadewethu uLi wakhuthazela kanjani ngemva kokuba esebhapathiziwe?
Yini udadewethu uLi ayisho emthandazweni ngokuphathelene nomyeni wakhe?
Yiziphi izibusiso udadewethu uLi azithola ngenxa yokuziphatha kwakhe okumsulwa nokuba nenhlonipho ejulile?
Ukuziphatha okumsulwa nenhlonipho ejulile kuyazuzisa!