UKUPHILA NJENGAMAKRISTU
Yini Ongayifunda Kubo?
Ingabe uyinceku ekhonzayo noma ungumdala osanda kumiswa? Ungase ube namakhono noma imfundo yezwe abanye abadala noma izinceku ezikhonzayo ebandleni okulo abangenakho. Nokho, kuningi ongakufunda kubafowethu nasemadodeni athembekile angasakhonzi endikimbeni ngenxa yezinkinga zokukhula, izinkinga zempilo noma imithwalo yokunakekela umndeni.
BUKELA IVIDIYO ETHI WAHLONIPHE AMADODA ANGOMAKADEBONA, BESE UPHENDULA LE MIBUZO ELANDELAYO:
1. UMfoweth’ uRichards wabonisa kanjani ukuthi uyamhlonipha uMfoweth’ uBello?
2. UBen wenza liphi iphutha futhi kungani?
3. Yini uBen ayifunda esibonelweni sika-Elisha?
4. Kungakhathaliseki ukuthi ungumzalwane noma ungudade, ungawabonisa kanjani inhlonipho amaKristu okanye nawo asenesikhathi eside ekhonza futhi ungafundani kuwo?