Meyi 27–Juni 2
GALATHIYA 1-3
INgoma 106 Nomthandazo
Amazwi Okuvula (3 imiz. noma ngaphansi)
AMAGUGU ASEZWINI LIKANKULUNKULU
“Ngamelana Naye Ubuso Nobuso”: (10 imiz.)
[Dlala ividiyo ethi Isethulo Sencwadi YabaseGalathiya.
Gal 2:11-13—Lapho amaKristu angamaJuda evakashela uPetru, wazihlukanisa nabafowabo abangabeZizwe ngenxa yokwesaba abantu (w17.04 27 ¶16)
Gal 2:14—UPawulu weluleka uPetru (w13 3/15 5 ¶12)
Ukumba Sifuna Ingcebo Engokomoya: (8 imiz.)
Gal 2:20—Kufanele usibheke kanjani isihlengo futhi kungani? (w14 9/15 16 ¶20-21)
Gal 3:1—Kungani uPawulu athi abaseGalathiya ‘abanangqondo’? (it-1-E 880)
Ukufundwa kweBhayibheli kwaleli sonto kukufundiseni ngoJehova?
Iyiphi enye ingcebo oyithole ekufundweni kweBhayibheli kwaleli sonto?
Ukufundwa KweBhayibheli: (4 imiz. noma ngaphansi) Gal 2:11-21 (th isifundo 10)
YIBA UMSHUMAYELI NOMFUNDISI ONGCONO ENSIMINI
Ividiyo Ebonisa Lapho Ubuyela Okwesibili: (5 imiz.) Dlala ividiyo bese nixoxa ngayo.
Lapho Ubuyela Okwesibili: (3 imiz. noma ngaphansi) Sebenzisa ingxenye ethi Ongase Uxoxe Ngakho. (th isifundo 2)
Esifundweni SeBhayibheli: (5 imiz. noma ngaphansi) bhs 202 ¶18-19 (th isifundo 6)
UKUPHILA NJENGAMAKRISTU
“Indlela Sonke Esingazinakekela Ngayo Izindawo Zethu Zokukhonza”: (15 imiz.) Ingxoxo esingathwa umdala. Ngemva kokudlala ividiyo ethi Ukunakekela Izindawo Zethu Zokukhonza nokuphendula imibuzo yayo, xoxa kafushane nomdala omelela ibandla ekomitini yokunakekelwa kweHholo LoMbuso. (Uma ibandla lenu lingenaye lo mmeleli, xoxa nomxhumanisi wendikimba yabadala. Uma ibandla lenu kuwukuphela kwalo elisebenzisa iHholo LoMbuso, xoxa nomqondisi wokunakekelwa kwehholo.) Mbuze le mibuzo elandelayo: Ingabe siyakwazi ukuyenza yonke imisebenzi esohlwini lwezinto okudingeka zenziwe eHholo LoMbuso? Ingabe siyayihlonipha imithetho yokuphepha lapho sisebenza? Yini enisanda kuyilungisa, futhi yini enihlela ukuyenza esikhathini esizayo? Uma kunothile onekhono lokulungisa izakhiwo noma ongathanda ukufunda ngokusiza labo abanamakhono, yini okufanele ayenze? Singasiza kanjani sonke ekunakekeleni iHholo LoMbuso, kungakhathaliseki ukuthi zinjani izimo zethu?
ISifundo SeBhayibheli Sebandla: (30 imiz.) cf isahl. 8 ¶10-17
Ukubukeza Okulandelwa Amabal’ engwe Angesonto Elizayo (3 imiz.)
INgoma 60 Nomthandazo