UKUPHILA NJENGAMAKRISTU
Ungaphumelela Ngisho Noma ‘Uneva Enyameni’!
Phakathi nalezi zinsuku zokugcina ezibucayi, izinkinga ezinzima zizihlupha zonke izinceku zikaNkulunkulu. (2Thim 3:1) Singancika kanjani kuJehova futhi sibhekane nalezi zinkinga ngokuphumelelayo? Bukela ividiyo ethi “Amehlo Ezimpumputhe Ayovulwa” ukuze uthole ukuthi yini eyenziwa uTalita Alnashi nabazali bakhe, bese uphendula le mibuzo elandelayo:
UTalita unaliphi “iva enyameni”?
Iziphi izithembiso eziseBhayibhelini eziye zasiza uTalita nabazali bakhe ukuba bahlale benombono ofanele?
Abazali bakaTalita babonisa kanjani ukuthi bancike kuJehova ngokushesha nje ngemva kokuhlinzwa kwakhe?
Abazali bakaTalita bazisebenzisa kanjani izinto esizithola enhlanganweni ukuze bamsize athande uNkulunkulu?
UTalita ubonise kanjani ukuthi usondela nakakhulu kuJehova ngisho noma ‘eneva enyameni’?
Sikukhuthaze kanjani isibonelo sikaTalita?