AMAGUGU ASEZWINI LIKANKULUNKULU | 1 KORINTE 7-9
Kuyisipho Ukuba Ongashadile
Phakathi nayo yonke iminyaka edlule, amaKristu amaningi aye aqaphela ukuthi ukungashadi kuwazuzisa ngokukhethekile ngoba ayakwazi ukwandisa inkonzo yawo, abe nabangane abahlukahlukene futhi asondelane noJehova.
uhambo lokushumayela kulo lonke elase-Australia, ngo-1937; othweswe iziqu eGileyadi ufika esabelweni sakhe eMexico, ngo-1947
kushunyayelwa eBrazil; abafowethu baseSikoleni SabaShumayeli Bevangeli LoMbuso eMalawi
ONGAZINDLA NGAKHO: Uma ungashadile, ungenzenjani ukuze usisebenzise kahle leso sikhathi?
Abanye ebandleni bangabakhuthaza futhi babasekele kanjani abangashadile?