AMAGUGU ASEZWINI LIKANKULUNKULU | LUKA 14-16
Umfanekiso Wendodana Yolahleko
Ezinye izifundo esizifunda kulo mfanekiso.
Kuwukuhlakanipha ukuhlala silondekile nabantu bakaNkulunkulu njengoba sinakekelwa uBaba wethu wasezulwini onothando
Uma sichezuka endleleni kaNkulunkulu, ngokuthobeka kufanele sibuyele kuye siqiniseka ngokuthi uJehova uzimisele ukusithethelela
Kufanele silingise uJehova ngokwamukela ngemfudumalo labo abaphendukayo bese bebuya ebandleni