AMAGUGU ASEZWINI LIKANKULUNKULU | LUKA 6-7
Yiba Nesandla Esivulekile
Umuntu ophanayo uyakujabulela ukuphisana ngesikhathi, ngamandla nangezinye izinto zakhe ukuze asize futhi akhuthaze abanye.
Isenzo sesiGreki esihunyushwe ngokuthi “kwenzeni umkhuba ukupha” sisho ukwenza into ngokuqhubekayo
Uma sikujwayela ukupha, abanye bayothela emathangeni ethu “isilinganiso esihle, esigxishiwe, esigxishisisiwe nesichichimayo.” Le nkulumo ingase ibhekisele kulokho okwakuvame ukwenziwa abadayisa emigwaqweni, ababegcwalisa lokho okwakuthengiwe engubeni yangaphandle epheqiwe