Watchtower UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
Watchtower
UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
IsiZulu
  • IBHAYIBHELI
  • IZINCWADI
  • IMIHLANGANO
  • mwb18 Mashi k. 8
  • Esingakwenza Ukuze Sithande UNkulunkulu Nomakhelwane

Ayikho ividiyo kulokhu okukhethile.

Uxolo, kube nenkinga ekufakeni ividiyo oyifunayo.

  • Esingakwenza Ukuze Sithande UNkulunkulu Nomakhelwane
  • INcwajana YoMhlangano Wokuphila KobuKristu Nenkonzo Yethu—2018
  • Indaba Ethi Ayifane
  • Ukuzuza Ekufundeni IBhayibheli Nsuku Zonke
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-1995
  • Jabulela IZwi LikaNkulunkulu
    Zuza Emfundweni YeSikole Senkonzo Esingokwasezulwini
  • Indlela Yokufunda Nokukhumbula
    Incwadi Yokuchasisa Isikole Senkonzo EsingokwaseZulwini
  • Zuza Nakakhulu Lapho Ufunda IBhayibheli
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova (Efundwayo)—2023
Bheka Okunye
INcwajana YoMhlangano Wokuphila KobuKristu Nenkonzo Yethu—2018
mwb18 Mashi k. 8

UKUPHILA NJENGAMAKRISTU

Esingakwenza Ukuze Sithande UNkulunkulu Nomakhelwane

Nakuba amaKristu engabophekile ukuba ahloniphe uMthetho KaMose, imiyalo emibili emikhulu kunayo yonke yalo mthetho—eyokuthanda uNkulunkulu nokuthanda umakhelwane—isakufingqa kahle lokho uJehova akufuna kithi. (Math 22:37-39) Akuzenzakaleli ukuba sibe nothando olunjalo. Kumelwe sikusebenzele ukuba nalo. Kanjani? Enye yezindlela ezibalulekile esingakwenza ngayo lokhu, ukufunda iBhayibheli nsuku zonke. Lapho sifunda ngobuntu bukaJehova, njengoba buvezwe emiBhalweni, siyabubona ‘ubuhle bakhe.’ (IHu 27:4) Ngenxa yalokho, simthanda nakakhulu uNkulunkulu futhi indlela esicabanga ngayo igcina isifana neyakhe. Lokho kusenza siyilalele imiyalo kaNkulunkulu, ehlanganisa ukubonisa uthando lokuzidela olwenza senzele abanye imisebenzi ethile. (Joh 13:34, 35; 1Joh 5:3) Nanka amacebiso amathathu angakwenza ukujabulele ukufunda iBhayibheli:

  • Kubone ngeso lengqondo lokho okufundayo, usebenzise nezinzwa zakho. Zicabange ulapho. Yini oyibonayo, oyizwayo noyihogelayo? Bazizwa kanjani laba obabonayo?

    Umzalwane ukubona ngeso lengqondo lokho akufunda eBhayibhelini
  • Lifunde ngezindlela ezihlukahlukene. Nazi izindlela ongazisebenzisa: Funda ngokuzwakalayo noma ulandele njengoba ulalele ukufundwa kweBhayibheli okuqoshiwe. Funda ngomuntu othile eBhayibhelini noma ngesihloko kunokufunda izahluko zeBhayibheli ngokulandelana kwazo. Ngokwesibonelo, ukuze ufunde ngoJesu, bheka Ingxenye 4 noma Ingxenye 16 yencwajana ethi INsiza-kufunda YeZwi LikaNkulunkulu. Funda sonke isahluko okuthathelwe kuso umBhalo wosuku. Funda izincwadi zeBhayibheli ngokwendlela ezazilandelana ngayo lapho zibhalwa.

    Udade ufunda iBhayibheli kuyi-jw.org
  • Kuqonde okufundayo. Kungcono kakhulu ukufunda isahluko esisodwa ngosuku usiqonde futhi uzindle ngaso, kunokufundela ukuqeda izahluko eziningi. Cabanga ngokwenzekayo. Hlaziya imininingwane. Sebenzisa amabalazwe nezikhombo eziphakathi namakhasi eBhayibheli. Cwaninga okungenani iphuzu elilodwa ongaliqondi. Uma kungenzeka, lapho uzindla, chitha isikhathi esifanayo naleso obungasichitha lapho ufunda.

    Amashadi akuyi-Nsiza-kufunda yeZwi likaNkulunkulu
    Zulu Publications (1975-2026)
    Phuma
    Ngena
    • IsiZulu
    • Thumela
    • Okukhethayo
    • Copyright © 2026 Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania
    • Imibandela Yokusebenzisa Le Webusayithi
    • Imithetho Yokugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • Amasethingi Okugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • JW.ORG
    • Ngena
    Thumela