AMAGUGU ASEZWINI LIKANKULUNKULU | MATHEWU 22-23
Hlonipha Imiyalo Emibili Emikhulu Kunayo Yonke
Usebenzisa uMathewu 22:36-39, landelanisa izizathu ezingezansi zokuya emhlanganweni yobuKristu kuye ngokubaluleka kwazo:
Ukuze sikhuthazwe
Ukuze sikhuthaze abafowethu
Ukuze sikhonze uJehova futhi simbonise ukuthi siyamthanda
Kungani kufanele sizame ukuya emihlanganweni yethu ngisho nalapho sikhathele, sinomuzwa wokuthi kuncane esizokuzuza?
Iziphi ezinye izindlela esingabonisa ngazo ukuthi siyayihlonipha imiyalo emibili emikhulu kunayo yonke?