Watchtower UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
Watchtower
UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
IsiZulu
  • IBHAYIBHELI
  • IZINCWADI
  • IMIHLANGANO
  • mwb17 Agasti k. 8
  • Ngingaphinda Nini Ngibe Iphayona Elisizayo?

Ayikho ividiyo kulokhu okukhethile.

Uxolo, kube nenkinga ekufakeni ividiyo oyifunayo.

  • Ngingaphinda Nini Ngibe Iphayona Elisizayo?
  • INcwajana YoMhlangano Wokuphila KobuKristu Nenkonzo Yethu—2017
  • Indaba Ethi Ayifane
  • Owesifazane Ojabulayo Nonethemba Naphezu Kobumpofu
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-2009
  • Umgomo Ofanelekayo Wonyaka Omusha Wenkonzo
    INkonzo Yethu YoMbuso Ka-2007
  • Kufuneka Amaphayona Asizayo Angu-10000
    INkonzo Yethu YoMbuso Ka-1997
  • Ingabe Ungakwazi Ukuba Iphayona Elisizayo?
    INkonzo Yethu YoMbuso Ka-1992
Bheka Okunye
INcwajana YoMhlangano Wokuphila KobuKristu Nenkonzo Yethu—2017
mwb17 Agasti k. 8

UKUPHILA NJENGAMAKRISTU

Ngingaphinda Nini Ngibe Iphayona Elisizayo?

Umbono kaHezekeli wethempeli wembula ukuthi abantu bakaJehova babeyonikela ngokuzithandela. Thina ngabanye singayenza kanjani imihlatshelo yokudumisa?—Heb 13:15, 16.

Enye indlela enhle kakhulu ukukhonza njengephayona elisizayo. Unyaka wenkonzo ka-2018 unezinyanga eziningana ezineMigqibelo emihlanu noma amaSonto amahlanu. Lokhu kuyoba inzuzo kakhulu kulabo abasebenzayo, abakwazi ukuba senkonzweni ngokuvamile ngezimpelasonto kuphela. Ngaphezu kwalokho, abamemezeli bangakhetha ukuzibekela umgomo wamahora angu-30 noma angu-50 ngezinyanga zikaMashi no-Ephreli nangenyanga yokuhambela kombonisi wesigodi.

Kuthiwani uma izimo zethu zingasivumeli ukuba sikhonze njengamaphayona asizayo? Singazama ukuthuthukisa inkonzo yethu, mhlawumbe sizame ngisho nokushumayela amahora engeziwe. Noma ngabe izimo zethu zinjani, kwangathi ukuthanda uJehova kungasenza sinikele ngokungcono kakhulu kuye ngonyaka wenkonzo ka-2018!—Hos 14:2.

USabina Hernández ubambe ipeni ngomlomo, usayina isicelo sakhe sokuba iphayona elisizayo

Ngingalulingisa kanjani ugqozi lukaSabina Hernández?

BUKELA I-VIDEO ETHI NGOSIZO LUKAJEHOVA, NGINGENZA CISHE NOMA YINI, BESE UPHENDULA IMIBUZO ELANDELAYO:

  • Yini ekhuthaza uSabina ukuba enze okwengeziwe ekukhonzeni uJehova?

  • Isibonelo sikaSabina sikukhuthaza kanjani?

  • Iyiphi inyanga noma izinyanga ongakhonza ngazo njengephayona elisizayo ngonyaka wenkonzo ka-2018?

    Zulu Publications (1975-2026)
    Phuma
    Ngena
    • IsiZulu
    • Thumela
    • Okukhethayo
    • Copyright © 2026 Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania
    • Imibandela Yokusebenzisa Le Webusayithi
    • Imithetho Yokugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • Amasethingi Okugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • JW.ORG
    • Ngena
    Thumela