UKUPHILA NJENGAMAKRISTU
Lwela Ukuba Nobuntu Obubonisa Ukwesaba UNkulunkulu—Ukuthobeka
OKWENZA KUBALULEKE:
Ukuthobeka kwenza sisondelane noJehova.—IHu 138:6
Ukuthobeka kwenza sisondelane nabanye.—Fil 2:3, 4
Ukuzikhukhumeza kuyalimaza.—IzA 16:18; Hez 28:17
INDLELA YOKUKWENZA:
Cela iseluleko bese usisebenzisa.—IHu 141:5; IzA 19:20
Zimisele ukwenzela abanye imisebenzi ephansi.—Math 20:25-27
Ungavumeli amakhono noma amalungelo akwenze uzikhukhumeze.—Ro 12:3
Iziphi izindlela mina engingabonisa ngazo ukuthobeka kakhudlwana?
BUKELA I-VIDEO ETHI GWEMA IZINTO EZIPHAZAMISA UBUQOTHO—UKUQHOSHA, BESE UPHENDULA IMIBUZO ELANDELAYO:
Indlela esenza ngayo lapho selulekwa ibonisani ngendlela esicabanga ngayo?
Umthandazo usisiza kanjani ekulweleni ukuthobeka?
Iziphi ezinye zezindlela esingabonisa ngazo ukuthobeka?