UKUPHILA NJENGAMAKRISTU
Ingabe Uyazithethelela?
Kungaba nzima ukuzithethelela izono esazenza esikhathini esidlule ngisho noma uJehova esesithethelele zona. Lokhu kwaxoxwa ngakho enkulumweni nakuyi-video eMhlanganweni Wesifunda ka-2016, owawunesihloko esithi “Hlala Uqotho KuJehova!” Sebenzisa i-JW Library ukuze uphinde uyibuke le video, bese uphendula imibuzo elandelayo:
USonja wayesenesikhathi eside kangakanani esusiwe ekuhlanganyeleni?
Imuphi umBhalo abadala abawufundela uSonja futhi wamsiza kanjani?
Ibandla lamphatha kanjani uSonja lapho esebuyiselwe ekuhlanganyeleni?
Imiphi imizwa eyayikhathaza uSonja futhi uyise wamsiza kanjani?