UKUPHILA NJENGAMAKRISTU
Uzithemba Kangakanani Izithembiso ZikaJehova?
UJoshuwa noSolomoni bakufakazela ukuthi akukho nesisodwa sezithembiso zikaJehova esingagcwalisekanga. (Josh 23:14; 1Kho 8:56) Ubufakazi bala madoda amabili athembekile benza isisekelo sokholo lwethu siqine nakakhulu. —2Ko 13:1; Thit 1:2.
UJehova wazigcwalisa kanjani izithembiso zakhe ezinsukwini zikaJoshuwa? Njengomndeni, bukelani i-video ethi, “Akukho Nelilodwa Izwi Eliye Laphutha.” Ngemva kwalokho, xoxani ngemibuzo elandelayo: (1) Ungazilingisa kanjani izenzo zikaRahabi ezibonisa ukholo? (Heb 11:31; Jak 2:24-26) (2) Isibonelo sika-Akhani sikufakazela kanjani ukuthi sibhekana nemiphumela emibi lapho singalaleli ngamabomu? (3) Kungani amadoda aseGibheyoni akhohlisa uJoshuwa futhi akha ubuhlobo no-Israyeli, nakuba ayengamaqhawe empi? (4) Lagcwaliseka kanjani izwi likaJehova lapho amakhosi amahlanu ama-Amori esongela u-Israyeli? (Josh 10:5-14) (5) UJehova ukusize kanjani lapho ubeka uMbuso wakhe nokulunga kwakhe kuqala ekuphileni kwakho?—Math 6:33.
Siyozithemba nakakhulu izithembiso zikaJehova uma sicabanga ngakho konke uJehova asenzele kona, nangalokho asenzela kona manje kanye nalokho asazosenzela kona. —Ro 8:31, 32.
Unalo yini ukholo olufana nolukaJoshuwa?