UKUPHILA NJENGAMAKRISTU
Khumbula Ukuthandazela AmaKristu Ashushiswayo
IBhayibheli labikezela ukuthi uSathane wayezosishushisa, ezama ukuphazamisa inkonzo yethu. (Joh 15:20; IsAm 12:17) Singawasiza kanjani amaKristu esikanye nawo abhekene noshushiso kwamanye amazwe? Singawathandazela. “Ukunxusa komuntu olungileyo, lapho kusebenza, kunamandla amakhulu.”—Jak 5:16.
Yini esingayithandazela? Singacela uJehova ukuba anike abafowethu nodadewethu isibindi futhi abasize bangesabi. (Isaya 41:10-13) Singathandazela nokuba iziphathimandla zibe nesimo esihle ngomsebenzi wokushumayela, “ukuze siqhubeke siphila ukuphila okuzolile nokunokuthula.”—1Thim 2:1, 2.
Lapho uPawulu noPetru beshushiswa, amaKristu ekhulu lokuqala abathandazela ebabiza ngamagama. (IzE 12:5; Ro 15:30, 31) Ngisho noma singawazi amagama abo bonke labo abashushiswayo namuhla, singalisho yini ibandla, izwe noma indawo abakuyo?