AMAGUGU ASEZWINI LIKANKULUNKULU | IZAGA 7-11
“Ungayivumeli Inhliziyo Yakho Ukuba Iphambuke”
Izindlela zokuphila esizifundiswa uJehova zingasivikela. Nokho, ukuze sizuze kuzo, kumelwe sizilonde ezinhliziyweni zethu. (IzA 7:3) Lapho inceku kaJehova ivumela inhliziyo yayo ukuba iphambuke, iba sengozini yokukhohliswa uSathane ngobuqili. Incwadi yezAga isahluko 7 ichaza ngensizwa eyavumela ukuphambukiswa inhliziyo yayo. Yikuphi esingakufunda emaphutheni ayo?
USathane uzama ukusidedisela kude noJehova ngokusebenzisa izinzwa zethu ezinhlanu ukusiyengela ekwenzeni okubi
Ukuhlakanipha nokuqonda kuyosisiza sikwazi ukuqaphela imiphumela emibi kakhulu ebangelwa izenzo ezingalungile futhi kuyosenza singabi sengozini engokomoya