September 26–October 2
AMAHUBO 142-150
INgoma 134 Nomthandazo
Amazwi Okuvula (3 imiz. noma ngaphansi)
AMAGUGU ASEZWINI LIKANKULUNKULU
“UJehova Mkhulu Futhi Kumelwe Adunyiswe Kakhulu”: (10 imiz.)
IHu 145:1-9—Ubukhulu bukaJehova abunamkhawulo (w04 1/15 10 ¶3-4; 11 ¶7-8; 14 ¶20-21; 15 ¶22)
IHu 145:10-13—Abaqotho bakaJehova bayamdumisa (w04 1/15 16 ¶3-6)
IHu 145:14-16—UJehova uyabasekela futhi uyabanakekela abaqotho bakhe (w04 1/15 17-18 ¶10-14)
Ukumba Sifuna Ingcebo Engokomoya: (8 imiz.)
IHu 143:8—Leli vesi lisisiza kanjani ukuba siphile ngendlela ekhazimulisa uNkulunkulu usuku ngalunye? (w10 1/15 21 ¶1-2)
IHu 150:6—Yisiphi isibopho esiqokonyiswa evesini lokugcina lencwadi yamaHubo? (it-2-E 448)
Ukufundwa kweBhayibheli kwaleli sonto kungifundisani ngoJehova?
Yimaphi amaphuzu asekufundweni kweBhayibheli kwaleli sonto engingawasebenzisa enkonzweni yasensimini?
Ukufundwa KweBhayibheli: (4 imiz. noma ngaphansi) IHu 145:1-21
YIBA UMSHUMAYELI NOMFUNDISI ONGCONO ENSIMINI
Ekuhambeleni Kokuqala: (2 imiz. noma ngaphansi) 1Pet 5:7—Fundisa Iqiniso.
Empindelweni: (4 imiz. noma ngaphansi) IHu 37:9-11—Fundisa Iqiniso.
Esifundweni SeBhayibheli: (6 imiz. noma ngaphansi) fg isifundo 9 ¶3—Siza umfundi ukuba abone indlela angakusebenzisa ngayo akufundile.
UKUPHILA NJENGAMAKRISTU
“Ukuthuthukisa Amakhono Ethu Enkonzweni—Ukukhuthaza Abalithandayo Iqiniso Ukuba Babe Khona Esifundweni”: (15 imiz.) Ingxoxo. Nikeza bonke abakhona isimemo semihlangano yebandla, bese nixoxa kafushane ngalokho okusekhasini 2. Dlala i-video enomboniso wommemezeli omemela emihlanganweni yebandla othile osemzileni wakhe kamagazini. Phetha ngokuxoxa ngebhokisi elithi “Okuzohanjiswa Ngo-October: Isimemo Somhlangano Webandla.”
ISifundo SeBhayibheli Sebandla: (30 imiz.) kr isahl. 1 ¶11-20, amashadi emakhasini 10 no-12
Ukubukeza Okulandelwa Amabal’ engwe Angesonto Elizayo (3 imiz.)
INgoma 145 Nomthandazo
Okufanele ukukhumbule: Dlala ingoma entsha kube kanye ngaphambi kokuba ibandla liyicule.