UKUPHILA NJENGAMAKRISTU
Gwema Lezi Zingibe Lapho Uqhuba Isifundo SeBhayibheli
Ukukhuluma Kakhulu: Ungabi nomuzwa wokuthi uwena okumelwe uchaze yonke into. UJesu wasebenzisa imibuzo ukuze asize abantu bacabange futhi bafinyelele isiphetho esifanele. (Math 17:24-27) Imibuzo yenza isifundo siphile futhi ikusiza ubone ukuthi yini umfundi ayiqondayo nayikholelwayo. (be 253 ¶3-4) Lapho ubuza umbuzo, yiba nesineke, ulindele impendulo. Uma umfundi enikeza impendulo okungeyona, kunokuba umtshele impendulo okuyiyonayona, menze afinyelele esiphethweni esifanele ngokusebenzisa imibuzo eyengeziwe. (be 238 ¶1-2) Khuluma ngendlela ezokwenza umfundi akwazi ukubamba izinto ezintsha azifundayo.—be 230 ¶4.
Ukwenza Isifundo Sibe Yinkimbinkimbi: Gwema isifiso sokufuna ukuchaza konke okwaziyo ngaleyo ndaba. (Joh 16:12) Gxila emaphuzwini asemqoka aleso sigaba. (be 226 ¶4-5) Ngisho nemininingwane ehlaba umxhwele ingenza amaphuzu asemqoka angagqami. (be 235 ¶3) Lapho umfundi eseliqonda iphuzu elisemqoka, dlulela esigabeni esilandelayo.
Ukumane Nifunde Ngokungenanjongo: Injongo yethu iwukufinyelela inhliziyo, hhayi ukumane nifunde nje. (Luka 24:32) Sebenzisa amandla eZwi likaNkulunkulu ngokugxila emiBhalweni eyinhloko yaleso sifundo. (2Ko 10:4; Heb 4:12; be 144 ¶1-3) Sebenzisa imifanekiso elula. (be 245 ¶2-4) Cabanga ngezinselele nezinkolelo zomfundi, bese wenza isifundo sivumelane naye. Buza imibuzo enjengale: “Uzizwa kanjani ngalokho okufunda lapha?” “Lokhu kusifundisani ngoJehova?” “Kungakuzuzisa ngani ukusebenzisa lesi seluleko?”—be 238 ¶3-5; 259 ¶1.