Izintshumayelo Ezisikiselwe
INQABAYOKULINDA
Umbuzo: Awuvumi yini ukuthi uma iBhayibheli liyincwadi evela kuNkulunkulu, kufanele likwazi ukusinda kunoma yimiphi imizamo yokulishabalalisa?
UmBhalo: Isaya 40:8
Okuzohanjiswa: Lezi zihloko eziwuchungechunge zichaza indlela emangalisayo iBhayibheli elasinda ngayo.
INQABAYOKULINDA (ikhasi elingemuva)
Umbuzo: Ngingathanda ukuthola umbono wakho ngalo mbuzo. [Funda umbuzo wokuqala ekhasini 16.] Abanye bakholelwa ukuthi inkolo yinto eyasungulwa abantu. Abanye bacabanga ukuthi uNkulunkulu usebenzisa inkolo ukuze asidonsele kuye. Wena ucabangani?
UmBhalo: Jak 1:27
Okuzohanjiswa: Lesi sihloko sichaza kabanzi lokho iBhayibheli elikushoyo ngale ndaba. Ngingajabula ukuphinde ngibuye sizoxoxa ngamanye amaphuzu akulesi sihloko.
IZINDABA EZINHLE EZIVELA KUNKULUNKULU!
Umbuzo: Abaningi banomuzwa wokuthi ukufunda iziprofetho zeBhayibheli kufana nokufunda iphephandaba. Kulezi zimo ezabikezelwa, yiziphi osuke wazibona noma wezwa ngazo?
UmBhalo: 2Thim 3:1-5
Okuzohanjiswa: Le ncwajana ichaza ukuthi kungani empeleni lezi zimo zisho izindaba ezinhle kwabathanda uNkulunkulu. [Qokomisa isifundo 1, umbuzo 2.]
ZAKHELE EYAKHO INTSHUMAYELO
Landela indlela okuhlelwe ngayo izibonelo ezinikeziwe ukuze uzakhele eyakho intshumayelo yasensimini.