Ibhokisi Lemibuzo
◼ Kunini Lapho Kufaneleka Khona Ukusinqamula Isifundo SeBhayibheli?
Uma omfundelayo engasathuthuki ngokomoya, kungase kudingeke usinqamule ngendlela engacasuli isifundo sakhe seBhayibheli. (Math. 10:11) Cabangela lokhu: Uba khona yini esifundweni sakhe? Uyalungiselela yini? Uke weza yini emihlanganweni yebandla? Uyabaxoxela yini abanye akufundayo? Uyalwenza yini ushintsho ngokuvumelana nezimiso zeBhayibheli? Yiqiniso, kufanele ucabangele iminyaka yakhe yobudala namakhono, uqaphela ukuthi abantu bathuthuka ngamazinga angafani. Uma unquma ukusinqamula isifundo, menze aqonde ukuthi ukulungele ukuphinde uqhubeke esikhathini esizayo.—1 Thim. 2:4.