ISimiso Sesonto Lika-September 28
ISONTO ELIQALA NGO-SEPTEMBER 28
INgoma 73 Nomthandazo
ISifundo SeBhayibheli Sebandla:
cl isahl. 31 ¶1-12 (30 imiz.)
ISikole Senkonzo Esingokwasezulwini:
Ukufundwa kweBhayibheli: 2 AmaKhosi 23-25 (8 imiz.)
No. 1: 2 AmaKhosi 23:8-15 (3 imiz. noma ngaphansi)
No. 2: Izingelosi Zinayiphi Indima Enjongweni KaNkulunkulu?—w12 7/1 k. 16 umbuzo 2 (5 imiz.)
No. 3: U-Eleyazare—Iphuzu Eliyinhloko: Khonza UJehova Ngokungenakunyakaziswa—g92 12/22 k. 21 isig. 3 (5 imiz.)
UMhlangano Wenkonzo:
Isihloko Senyanga: “Nikeza ubufakazi obuphelele ngezindaba ezinhle.”—IzE. 20:24.
10 imiz: UPawulu Nabangane Bakhe Banikeza Ubufakazi Obuphelele EFilipi. Ingxoxo. Makufundwe izEnzo 16:11-15. Khulumela indlela lokhu kulandisa okungasisiza ngayo enkonzweni yethu.
20 imiz: “Ukufundisa Ngencwadi Ethi Izindaba Ezinhle.” Imibuzo nezimpendulo. Lapho senixoxile ngesigaba 3, makube nomboniso olungiselelwe kahle wommemezeli ohambisa incwajana ethi Izindaba Ezinhle futhi axoxe ngesigaba esisodwa.
INgoma 114 Nomthandazo