ISimiso Sesonto Lika-September 7
ISONTO ELIQALA NGO-SEPTEMBER 7
INgoma 3 Nomthandazo
ISifundo SeBhayibheli Sebandla:
cl isahl. 30 ¶1-9 (30 imiz.)
ISikole Senkonzo Esingokwasezulwini:
Ukufundwa kweBhayibheli: 2 AmaKhosi 12-15 (8 imiz.)
No. 1: 2 AmaKhosi 13:12-19 (3 imiz. noma ngaphansi)
No. 2: UDorka—Iphuzu Eliyinhloko: AmaKristu Eqiniso Achichima Imisebenzi Emihle—w11 8/1 kk. 14-15 (5 imiz.)
No. 3: Yini Equkethwe Izincwadi Ezihlukahlukene ZemiBhalo YamaKristu YesiGreki?—igw k. 31 (5 imiz.)
UMhlangano Wenkonzo:
Isihloko Senyanga: “Mina nendlu yami, sizokhonza uJehova.” —Josh. 24:15.
10 imiz: Sisebenze Kanjani? Ingxoxo. Cela abamemezeli basho ukuthi bazuze kanjani ngokusebenzisa amaphuzu asesihlokweni esithi “Ukuthuthukisa Amakhono Ethu Enkonzweni—Ukuqeqesha Abamemezeli Abasanda Kuhlanganyela.” Cela izilaleli zisho okuhlangenwe nakho okuhle.
10 imiz: Mindeni, Ingabe Nikwenza Umkhuba Ukuba Khona Emihlanganweni Yebandla? Inkulumo esekelwe kumaHebheru 10:24, 25. Xoxa nomndeni onezingane. Inhloko yomndeni iqinisekisa kanjani ukuthi ukuya emihlanganweni kuza kuqala? Yini eyenziwa umuntu ngamunye ukuze umndeni wonke ube khona njalo emihlanganweni yebandla? Bazilungiselela nini izimpendulo? Yikuphi ukuzidela abakwenzayo ukuze babe khona? Phetha ngokukhuthaza bonke ukuba babe khona futhi baphendule njalo emihlanganweni.
10 imiz: Ungayihlwanyela Yini Imbewu Yeqiniso LeBhayibheli Ezihlotsheni Zakho? (IzE. 10:24, 33, 48) Ingxoxo esekelwe eNcwadini Yonyaka Ka-2015, ikhasi 87, izigaba 1-2; nekhasi 90, izigaba 1-3. Cela izilaleli zisho izifundo ezizifundile.
INgoma 118 Nomthandazo