Gxila Ekuqaleni Izifundo ZeBhayibheli
1. Yini okudingeka siyenze ukuze abantu basindiswe?
1 Umbiko wonyaka wenkonzo ka-2014 ubonisa intshiseko yabantu bakaNkulunkulu nokuzimisela ukushumayela izindaba ezinhle zoMbuso. (Math. 24:14) Ngomsebenzi wokushumayela endlini ngendlu, imikhankaso ekhethekile yokusakaza amapheshana nezimemo nangokushumayela obala, sifinyelela abaningi kunanini ngaphambili ngomyalezo weBhayibheli. Nokho, ukuze abantu basindiswe, kumelwe sibasize babe abafundi bakaJesu ngokutadisha nabo iBhayibheli.—1 Thim. 2:4.
2. Yimiphi imibuzo esingazibuza yona ukuze siphaphamele ukuqala izifundo zeBhayibheli?
2 Hlale Ukulungele Ukuqala Isifundo SeBhayibheli: Lapho umuntu ebonisa isithakazelo, uyazama yini ukuthola imininingwane yakhe bese ubuyela kuye ngokushesha unomgomo wokuqala isifundo seBhayibheli? Wagcina nini ukubonisa umuntu ukuthi siqhutshwa kanjani isifundo seBhayibheli ekuhambeleni kokuqala? Wagcina nini ukuzama ukuqala isifundo seBhayibheli kulabo abawumzila wakho kamagazini? Usuke wababonisa yini osebenza nabo, ofunda nabo, omakhelwane, izihlobo nabanye obajwayele i-video ethi, Kungani Kufanele Utadishe IBhayibheli? nethi Siqhutshwa Kanjani Isifundo SeBhayibheli? Lapho ushumayela ngezinqola nangamatafula, uyazama yini ukuchazela abathatha izincwadi ukuthi siqhuba nezifundo zeBhayibheli zamahhala?
3. Yini edingekayo ukuze sifundise iqiniso ngokuphumelelayo?
3 Usizo Esilunikwa UJehova NoJesu: Ngokuqala ngegama elithi “hambani” lapho ekhipha umyalo ‘wokwenza abafundi,’ uJesu wayebonisa ukuthi kudingeka senze umzamo futhi sithathe isinyathelo kuqala. Nokho, akasishiyanga dengwane, wathembisa ukuba nathi. (Math. 28:19, 20) UJehova uye wasinika nomoya ongcwele namathuluzi afanele futhi wasiqeqeshela ukufundisa abantu iqiniso. (Zak. 4:6; 2 Kor. 4:7) Singathandazela ukuba asisize ‘sithande futhi senze’ lo msebenzi obalulekile.—Fil. 2:13.
4. Kungani kufanele sigxile ekwenzeni abafundi?
4 Ukushumayela izindaba ezinhle kusilethela injabulo enkulu. Nokho, injabulo yethu iyanda lapho sifundisa umuntu iqiniso futhi simsiza ahambe nathi kule “ndlela eholela ekuphileni.” (Math. 7:14; 1 Thes. 2:19, 20) Okubaluleke nakakhulu, uma sigxila ekwenzeni abafundi, siyojabulisa uJehova ‘ongafisi ukuba kubhubhe namunye kodwa ofisa ukuba bonke baphenduke.’—2 Pet. 3:9.