ISimiso Sesonto Lika-June 8
ISONTO ELIQALA NGO-JUNE 8
INgoma 6 Nomthandazo
ISifundo SeBhayibheli Sebandla:
cl isahl. 25 ¶17-21, ibhokisi ek. 259 (30 imiz.)
ISikole Senkonzo Esingokwasezulwini:
Ukufundwa kweBhayibheli: 2 Samuweli 19-21 (8 imiz.)
No. 1: 2 Samuweli 19:24-37 (3 imiz. noma ngaphansi)
No. 2: Ungayithola Kanjani Injabulo?—igw k. 22 ¶1-3 (5 imiz.)
No. 3: UKayafase—Iphuzu Eliyinhloko: Abaphikisi Beqiniso Abanecala Legazi Abasoze Baphumelela—w06 1/15 k. 12 isig. 4-8 (5 imiz.)
UMhlangano Wenkonzo:
Isihloko Senyanga: “Khumbula izinsuku zakudala.”—Dut. 32:7..
10 imiz: “Khumbula Izinsuku Zakudala.” Inkulumo esekelwe esihlokweni senyanga. Funda futhi ukhulumele uDuteronomi 4:9; 32:7 namaHubo 71:15-18. Chaza indlela abashumayeli bevangeli banamuhla abangazuza ngayo ngokukhumbula abantu nezenzakalo zomlando wethu ongokwasezulwini. Sikisela ukuba ngezinye izikhathi abamemezeli baxoxe ngezihloko eziwuchungechunge ze-Nqabayokulinda ezitholakala engxenyeni ethi “Ezivela Ezinqolobaneni Zethu” phakathi nobusuku bokuKhulekela Komkhaya. Khulumela ezinye zezingxenye zoMhlangano Wenkonzo wale nyanga futhi uveze indlela ezihlobana ngayo nesihloko.
20 imiz: “Ukuthuthukisa Amakhono Ethu Enkonzweni—Ukuqala Isifundo SeBhayibheli Umi Emnyango Ngencwajana Ethi Izindaba Ezinhle Ezivela KuNkulunkulu!” Ingxoxo esingathwa umbonisi wenkonzo. Yithi qaphuqaphu ngamanani angokoqobo ombiko webandla wenkonzo yasensimini abonisa ukuthi abamemezeli bangakwazi ukuqhuba izifundo zeBhayibheli ezengeziwe. Makube nomboniso owenziwa ummemezeli onokuhlangenwe nakho obonisa ukuthi singaqalwa kanjani isifundo seBhayibheli umi emnyango kusetshenziswa intshumayelo esebhokisini. Bakhuthaze bonke ukuba baqale izifundo zeBhayibheli bemi emnyango.
INgoma 29 Nomthandazo