Ukubukezwa KweSikole Senkonzo Esingokwasezulwini
Imibuzo elandelayo kuzoxoxwa ngayo eSikoleni Senkonzo Esingokwasezulwini ngesonto eliqala ngo-June 29, 2015. Kufakwe nosuku okuzoxoxwa ngalo ngephuzu ngalinye ukuze kwenziwe ucwaningo lapho kulungiselelwa isikole isonto ngalinye.
Yini eyayingalungile endleleni uMikhali akhuluma ngayo noDavide, futhi isiphi isifundo imibhangqwana eshadile okufanele isifunde kulokhu kulandisa? (2 Sam. 6:20-23) [May 11, w11 8/1 k. 12 isig. ]
Wasabela kanjani umprofethi uNathani lapho uJehova emlungisa ngokutshela uDavide ukuba ahambe akhe ithempeli likaJehova? (2 Sam. 7:2, 3) [May 11, w12 2/15 k. 24 izig. 6-7]
Kungani uNathani alandisa umfanekiso olotshwe kweyesi-2 Samuweli 12:1-7 kunokuba amane atshele uDavide ngokuqondile ukuthi wayenze isono esikhulu? Lokhu kulandisa kungasisiza kanjani ukuba sibe abafundisi abangcono? [May 18, w12 2/15 k. 24 izig. 2-3]
Kungani u-Absalomu akwazi ukukhohlisa ama-Israyeli, futhi singazivikela kanjani ko-Absalomu banamuhla? (2 Sam. 15:6) [May 25, w12 7/15 k. 13 isig. 7]
UJehova wamnakekela kanjani uDavide phakathi nesikhathi ayeswele ngaso kakhulu, futhi yini esingayifunda kulokhu? (2 Sam. 17:27-29) [June 1, w08 9/15 k. 5 izig. 15-16]
Singazuza kanjani esibonelweni sikaDavide sendlela asebenzelana ngayo nomfokazi ogama lakhe lingu-Ithayi? (2 Sam. 18:2) [June 1, w09 5/15 k. 27 isig. 7]
Asebekhulile ebandleni bangazuza kanjani esibonelweni sikaBharizilayi? (2 Sam. 19:33-35) [June 8, w07 7/15 k. 15 izig. 1-2]
Amazwi kaDavide ngobuqotho aziqinisekisa kanjani izinceku zikaJehova namuhla? (2 Sam. 22:26) [June 15, w10 6/1 k. 26 izig. 6-]
UNathani wabubonisa kanjani ubuqotho kuNkulunkulu, futhi singayilingisa kanjani leyo mfanelo namuhla? (1 AmaKh. 1:11-14) [June 22, w12 2/15 k. 25 izig. 1, 4-5]]
Kukuziphi izimo zokuphila lapho inceku kaNkulunkulu ingase isebenzise ukucabanga okuyiphutha ukuze iphule umyalo kaNkulunkulu, njengoba kungenzeka kwenza uSolomoni? (1 AmaKh. 3:1) [June 29, w11 12/15 k. 10 izig. 12-14]