ISimiso Sesonto Lika-May 18
ISONTO ELIQALA NGO-MAY 18
INgoma 50 Nomthandazo
ISifundo SeBhayibheli Sebandla:
cl isahl. 24 ¶18-21, ibhokisi ek. 249 (30 imiz.)
□ ISikole Senkonzo Esingokwasezulwini:
Ukufundwa kweBhayibheli: 2 Samuweli 9-12 (8 imiz.)
No. 1: 2 Samuweli 10:13–11:4 (3 imiz. noma ngaphansi)
No. 2: UBhenaya—Iphuzu Eliyinhloko: Thembeka Futhi Ungesabi—w05 5/1 k. 15 isig. 11 (5 imiz.)
No. 3: Yiliphi Ithemba Esingaba Nalo Ngabafileyo?—igw k. 19 ¶1-3 (5 imiz.)
UMhlangano Wenkonzo:
Isihloko Senyanga: Siza zonke izinhlobo zabantu zifinyelele olwazini olunembile lweqiniso.—1 Thim. 2: 3, 4.
10 imiz: Indlela UPawulu Asiza Ngayo AmaGreki Ukuba Afinyelele Olwazini Olunembile Lweqiniso. Ingxoxo. Makufundwe izEnzo 17:22-31. Xoxani ngendlela lokhu kulandisa okungasisiza ngayo enkonzweni yethu.
20 imiz: UJehova Uzokusiza Ube Nesibindi. Ingxoxo. Dlala i-video ethi UJehova Uzokusiza Ube Nesibindi. (Ngena kuyi-jw.org bese ubheka ingxenye ethi IZIMFUNDISO ZEBHAYIBHELI > IZINGANE.) Cela izilaleli zisho izifundo ezizithole kule video. Cela izingane ezisasesikoleni zisho indlela le video ezisize ngayo ukuba zibe nesibindi sokufakaza kwezifunda nabo nakothisha. Makulingiswe okunye kokuhlangenwe nakho okuhle kwengane eyafakaza esikoleni.
INgoma 60 Nomthandazo