ISimiso Sesonto Lika-April 20
ISONTO ELIQALA NGO-APRIL 20
INgoma 3 Nomthandazo
ISifundo SeBhayibheli Sebandla:
cl isahl. 23 ¶10-18 (30 imiz.)
ISikole Senkonzo Esingokwasezulwini:
Ukufundwa kweBhayibheli: 1 Samuweli 23-25 (8 imiz.)
No. 1: 1 Samuweli 23:13-23 (3 imiz. noma ngaphansi)
No. 2: Yini Ethenjiswa IBhayibheli Ngekusasa?—igw k. 16 ¶1-3 (5 imiz.)
No. 3: UBharuki—Iphuzu Eliyinhloko: Khonza UJehova Ngaphandle Kobugovu—w06 8/15 k. 17 isig 7–k. 18 isig. 1 (5 imiz.)
UMhlangano Wenkonzo:
Isihloko Senyanga: Hambani njengabantu abahlakaniphile ‘ngokuzithengisisela ithuba.’—Efe. 5:15, 16.
15 imiz: “Indlela Yokufakaza Ngezinqola Namatafula.” Ingxoxo. Makube nomboniso wabamemezeli ababili abami eduze kwenqola noma kwetafula. Omunye wabo umoyizelela umuntu odlulayo. Lona omunye umoyizelela omunye umuntu odlulayo, ambuze umbuzo njengoba esondela bese eqalisa ingxoxo ethakazelisayo. Singayisebenzisa kanjani le ndlela ngisho nalapho singashumayeli ngezinqola namatafula?
15 imiz: Izikhathi Zokujabula Eziba Khona Njalo. Ingxoxo esekelwe kuyi-Nqabayokulinda ka-September 15, 2012, amakhasi 31-32, izigaba 15-19. Siza izilaleli zilangazelele umhlangano wesifunda ozayo. Zenze zibheke phambili kokuzoxoxwa ngakho ngokuzikhuthaza ukuba zihlole kusengaphambili isimiso somhlangano esitholakala kuyi-jw.org.
INgoma 75 Nomthandazo