ISimiso Sesonto Lika-December 15
ISONTO ELIQALA NGO-DECEMBER 15
INgoma 1 Nomthandazo
ISifundo SeBhayibheli Sebandla:
cl isahl. 17 ¶9-16 (30 imiz.)
ISikole Senkonzo Esingokwasezulwini:
Ukufundwa kweBhayibheli: Joshuwa 6-8 (10 imiz.)
No. 1: Joshuwa 8:18-29 (4 imiz noma ngaphansi)
No. 2: Yini Enikeza Ubufakazi Bokuthi Umuntu Unawo Umoya Ongcwele?—rs k. 370 ¶3–k. 371 ¶2 (5 imiz.)
No. 3: Isitha—Isitha Esonakele Kunazo Zonke USathane UDeveli —w09 4/15 k. 6 ¶14; lv k. 183 ¶3-5 (5 imiz.)
UMhlangano Wenkonzo:
Isihloko Senyanga: Khipha “izinto ezinhle” emcebweni omuhle esiphathiswe wona.—Math. 12:35a.
15 imiz: “Ukuqhuba Izifundo ZeBhayibheli Eziphumelelayo.” Imibuzo nezimpendulo. Ngemva kokuxoxa ngesigaba 3, makube nomboniso onezingxenye ezimbili wommemezeli oxoxa nomfundi weBhayibheli ngesigaba 8 esahlukweni 15 sencwadi ethi Okufundiswa IBhayibheli. Embonisweni wokuqala, ummemezeli ukhuluma kakhulu. Kowesibili, ummemezeli ubuza umfundi imibuzo ezomenza aveze umbono wakhe ukuze imsize athole ukuthi ucabangani.
15 imiz: Ithuluzi Lokukusiza Ulungiselele Ukuqhuba Izifundo ZeBhayibheli. Ingxoxo. Xoxa nezilaleli ngengxenye ye-jw.org ethi “Lifundisani IBhayibheli?” (Bheka ngaphansi kwesithi IZIMFUNDISO ZEBHAYIBHELI > INTSHA.) Xoxani ngendlela lokhu kaziswa okungasetshenziswa ngayo ukuze kusisize siqhube izifundo zeBhayibheli eziphumelelayo nabantu abasha nabadala. Imibuzo ebuzwe kula mashadi ingasisiza kanjani ukuba sifinyelele inhliziyo yomfundi? Makube nomboniso wommemezeli okhuluma yedwa esebenzisa elinye lalawa mashadi ukuze limsize acabange ngezidingo zomfundi futhi alungiselele imibuzo ephumelelayo. Phetha ngokukhuthaza izilaleli ukuba zibe abafundisi abangcono ngokuzama ukufinyelela izinhliziyo zabafundi ngokusebenzisa izinto ezinhle esinazo ukuze sisize abanye.—IzAga 20:5.
INgoma 99 Nomthandazo