ISimiso Sesonto Lika-August 11
ISONTO ELIQALA NGO-AUGUST 11
INgoma 71 Nomthandazo
ISifundo SeBhayibheli Sebandla:
cl isahl. 11 ¶9-16 (30 imiz.)
ISikole Senkonzo Esingokwasezulwini:
Ukufundwa kweBhayibheli: Numeri 7-9 (10 imiz.)
No. 1: Numeri 9:9-23 (4 imiz. noma ngaphansi)
No. 2: Uma Umuntu Esesindisiwe Akusho Ukuthi Usesinde Phakade—rs k. 112 ¶5–k. 114 ¶1 (5 imiz.)
No. 3: U-Akhani—Ukuphamba UNkulunkulu Kuletha Imiphumela Emibi—w10 4/15 k. 20 ¶5 (5 imiz.)
UMhlangano Wenkonzo:
5 imiz: “1914-2014: Iminyaka Eyikhulu Yokubusa KoMbuso!” Ingxoxo. Funda isigaba esingenhla kuleli khasi. Kule nyanga izihloko zoMhlangano Wenkonzo zizogxila eMbusweni. Bukeza amalungiselelo ebandla enkonzo yasensimini.
10 imiz: “Sebenzisa Ipheshana Elisha Lengosi Yethu.” Xoxa ngalokho okuqukethwe ipheshana. Makube nomboniso wommemezeli olihambisela umuntu abese esebenzisa umakhalekhukhwini noma i-tablet yakhe ukuze ambonise ingosi ethi jw.org.
15 imiz: “Ukuthuthukisa Amakhono Ethu Enkonzweni”—Ukukhuluma NgoMbuso Ngesibindi.” Ingxoxo. Makube nabamemezeli ababili abenza lo mboniso: Ummemezeli usemgqeni wokukhokha esitolo. Umuntu oseduze kwakhe ubheka iphephandaba bese ethi: “Leli zwe lonakele! Wonke umuntu ucabanga ukuthi unesixazululo, kodwa izinto ziba zimbi nakakhulu.” Ummemezeli ukhuluma yedwa: ‘Kufanele ngikhulume. Kumelwe ngimtshele ngoMbuso!’ Ummemezeli uthi: “Ngivumelana nawe—izindaba ezimbi seziyinsakavukela. Kodwa ngicela ukukunika nali ipheshana. Ingosi elikhuluma ngayo ingisize ngathola izimpendulo zemibuzo eminingi ebalulekile ekuphileni.” Ummemezeli uxoxa ngephuzu elilodwa elikuleli pheshana, futhi lo muntu ubonisa isithakazelo.
INgoma 92 Nomthandazo