Izintshumayelo Ezisikiselwe
Zokuqala Izifundo ZeBhayibheli NgoMgqibelo Wokuqala Ku-June
“Sikuvakashele kafushane ukuze sizoxoxa nawe ngalo mbuzo obalulekile. [Mbonise umbuzo wokuqala osekhasini elingemuva le-Nqabayokulinda ka-June 1.] Uyini umbono wakho?” Lindela impendulo. Fundani ndawonye ukwaziswa okungaphansi kombuzo wokuqala bese nifunda okungenani umBhalo owodwa kwekhonjiwe. Mhambisele umagazini bese uhlela ukubuya nizoxoxa ngombuzo olandelayo.
INqabayokulinda June 1
“Ukubhema kubulala abantu abangaba ngu-6 000 000 ngonyaka. Ucabanga ukuthi kukhona yini okungenziwa ukuze kuxazululwe le nkinga? [Lindela impendulo.] Abantu abaningi baye basizwa ukuba bayeke noma bangaqali nakuqala ukubhema ngokucabangela umbono kaNkulunkulu ngale ndaba. Ngokwesibonelo, leli vesi leBhayibheli lenze abanye bazibuza ukuthi ukubhema kubathinta kanjani abanye. [Funda eyoku-1 Korinte 10:24.] Lo magazini uchaza indlela ukucabangela umbono kaNkulunkulu okungenza ngayo umuntu ayeke ukubhema.”
Phaphama! June
“Izingosi zokuxhumana zenze abantu bakwazi ukuba nabangane abaningi kunanini ngaphambili. Ubungathi iyiphi imfanelo ebaluleke kunazo zonke kumngane weqiniso? [Lindela impendulo.] Nasi isibonelo seseluleko esiwusizo ngobungane esitholakala eBhayibhelini. [Funda uJakobe 1:19.] Lo magazini ukhuluma ngezimiso ezine ezingasisiza sibe uhlobo lwabangane oluthandwa abanye.”