Umbiko Wenkonzo Yasensimini
Ilungiselelo elisha lokubika amapheshana liqale ngo-November futhi siyajabula ukubika ukuthi kuhanjiswe amapheshana amaningi ensimini yegatsha lakithi. Ngaphezu kwalokho, eNamibia kubikwe amanani aphakeme amabili amasha, okungamaphayona avamile angu-251 nabamemezeli abangu-2 182. Inani labamemezeli eNingizimu Afrika libe ngu-93 982, okuwukwanda okungamaphesenti amabili esilinganisweni sangonyaka ka-2013. Le mibiko emihle inikeza ubufakazi bokuthi abantu bakaJehova abazigodli ekuhlanganyeleni izindaba ezinhle nabanye.—IzAga 3:27.