IZaziso
◼ Isipho sango-April: Omagazini INqabayokulinda ne-Phaphama! Ngo-May nango-June: Lifundisani Ngempela IBhayibheli? noma elinye lalawa mapheshana: Ucabangani NgeBhayibheli?, Ulibona Linjani Ikusasa?, Siyini Isihluthulelo Sokuba Nomndeni Ojabulayo?, Ubani Ngempela Olawula Izwe? noma Ingabe Ukuhlupheka Kuyoke Kuphele?
◼ Isimiso somhlangano wangesonto elandulela umhlangano wenu wesigodi noma wezizwe kufanele sishintshwe ukuze nikwazi ukubuyekeza izeluleko nezikhumbuzo ezisesenezelweni se-Nkonzo Yethu YoMbuso nencwadi eya kuwo wonke amabandla ka-August 3, 2013, ekhuluma ngezinyathelo zokuphepha lapho sisemihlanganweni yobuKristu. Ngemva kwenyanga eyodwa noma ezimbili niye emhlanganweni, engxenyeni yezidingo zebandla ningase nibuyekeze amaphuzu athile omhlangano abamemezeli abawathole ewusizo enkonzweni.