Ukuthuthukisa Amakhono Ethu Enkonzweni—Ukuba Usizo Kohamba Naye
Okwenza Kubaluleke: UJesu wakubona ukubaluleka kokuhamba nothile lapho sishumayela. Ngakho lapho ethuma abafundi bakhe abangu-70 ukuba bayoshumayela, wabathuma ngababili. (Luka 10:1) Ohamba naye angakunika usizo oludingayo lapho uhlangabezana nesimo esinzima noma ungaqiniseki ngendlela ongaphendula ngayo umninikhaya. (UmSh. 4:9, 10) Angakuxoxela okuhlangenwe nakho kwakhe futhi ngezinye izikhathi akunikeze amacebiso angakusiza ube ummemezeli ophumelelayo. (IzAga 27:17) Angakukhuthaza nangezingxoxo ezakhayo lapho nisuka kwenye indlu niya kwenye.—Fil. 4:8.
Zama Lokhu Phakathi Nenyanga:
Ngemva kokusebenza nothile enkonzweni yasensimini, mtshele lokho akushilo noma akwenzile okumenze waba usizo kuwe.