ISimiso Sesonto Lika-February 3
ISONTO ELIQALA NGO-FEBRUARY 3
INgoma 22 Nomthandazo
ISifundo SeBhayibheli Sebandla:
cl isahl. 2 ¶12-20 (30 imiz.)
ISikole Senkonzo Esingokwasezulwini:
Ukufundwa kweBhayibheli: Genesise 21-24 (10 imiz.)
No. 1: Genesise 23:1-20 (4 imiz. noma ngaphansi)
No. 2: Kungani UJesu Abonakala Ngemizimba Yenyama?—rs k. 410 ¶1-4 (5 imiz.)
No. 3: U-Abela—Bonisa Ukholo Olujabulisa UNkulunkulu—w13 1/1 kk. 12-15 (5 imiz.)
UMhlangano Wenkonzo:
10 imiz: Hambisa Omagazini Ngo-February. Ingxoxo. Qala ngomboniso wokuhanjiswa komagazini usebenzisa izintshumayelo ezisikiselwe kuleli khasi. Ngemva kwalokho hlaziya izintshumayelo ezisikiselwe kusukela ekuqaleni kuze kube sekugcineni ngokufunda ingxenye ngayinye, umusho owodwa noma emibili, bese ucela izilaleli zichaze injongo yalowo musho. Khumbuza abamemezeli ukuthi kufanele basebenzise amazwi abo nokuthi bangazenza izinguquko entshumayelweni esikiselwe noma balungiselele enye. Phetha ngokukhuthaza bonke ukuba bajwayelane nomagazini futhi bahlanganyele ngentshiseko ekubahambiseni.
10 imiz: Izidingo zebandla.
10 imiz: Niyobazi Ngezithelo Zabo. (Math. 7:16) Ingxoxo esekelwe e-Ncwadini Yonyaka Ka-2013, ikhasi 47, izigaba 1-2; nekhasi 52, izigaba 1-6. Cela izilaleli zisho izifundo ezizitholile.
INgoma 25 Nomthandazo