ISimiso Sesonto Lika-January 20
ISONTO ELIQALA NGO-JANUARY 20
INgoma 34 Nomthandazo
ISifundo SeBhayibheli Sebandla:
cl isahl. 1 ¶18-23, nebhokisi ek. 14 (30 imiz.)
ISikole Senkonzo Esingokwasezulwini:
Ukufundwa kweBhayibheli: Genesise 11-16 (10 imiz.)
No. 1: Genesise 14:17–15:11 (4 imiz. noma ngaphansi)
No. 2: Uma Umuntu Ethi, ‘Yini Ekwenza Ucabange Ukuthi Kunenkolo Eyodwa Kuphela Eqinisileyo?’—rs k. 110 ¶1 (5 imiz.)
No. 3: U-Abhadoni—Ingelosi Yakwalasha—Ungubani?—w92 5/1 k. 11¶9-10; re k. 148 ¶20 (5 imiz.)
UMhlangano Wenkonzo:
10 imiz: Yini Esiyifundayo? Ingxoxo. Makufundwe uMathewu 7:6-11. Xoxani ngokuthi la mavesi angasisiza kanjani enkonzweni yethu yasensimini.
10 imiz: Hloniphani Labo Abasebenza Kanzima Phakathi Kwenu. (1 Thes. 5:12, 13) Ingxoxo esekelwe emibuzweni elandelayo: (1) Abadala basebenza kanzima ngaziphi izindlela ebandleni? (2) Singabacabangela kanjani abadala ngaphezu kokuvamile? (3) Kungani labo abaholayo bedinga isikhuthazo? (4) Singabakhuthaza kanjani abadala nemikhaya yabo? (5) Ukuzithoba kulabo abaholayo kulizuzisa kanjani ibandla nabadala?
10 imiz: “Yiba Isikhuthazo Kohamba Naye Ensimini.” Imibuzo nezimpendulo. Cela izilaleli zisho amacebiso awusizo ezawafunda kothile ezazihamba naye ensimini.
INgoma 93 Nomthandazo