Sizoqala Ukufunda Incwadi Ethi Sondela KuJehova Ngesonto Lika-January 6
1. Kusukela ngesonto lika-January 6, yimaphi amathuba esiyoba nawo okusondela kuJehova?
1 UJehova ufuna sisondele kuye. (Jak. 4:8) Ukuze sikwenze lokho, kusukela ngesonto lika-January 6, sizofunda incwadi ethi Sondela KuJehova eSifundweni SeBhayibheli Sebandla. Ngokuphathelene nenjongo yale ncwadi, ikhasi lokuqala lithi: “Ukuzindla ngendlela uJehova abonisa ngayo imfanelo yakhe ngayinye, ukubona indlela uJesu Kristu azibonakalisa ngayo ngendlela ephelele lezo zimfanelo nokuqonda ukuthi thina singazihlakulela kanjani kuyosisondeza kuNkulunkulu.” Amabandla ayifunda le ncwadi phakathi kuka-2004 no-2005. Nokho, abaningi kubamemezeli abangaba yizigidi ezimbili abangene eqinisweni ngemva kwalokho, bayobe beqala ukufunda ngokuningiliziwe ngezimfanelo zikaJehova ezisenza simthande. Kulabo abayifundile le ncwadi ngaphambili, ukuyiphinda kuyobasiza ukuba bajulise ukwazisa kwabo izimfanelo zikaJehova.—IHu. 119:14.
2. Incwadi ethi Sondela KuJehova izofundwa kanjani?
2 Indlela Eyofundwa Ngayo: Umqhubi wesifundo uyoqala ngesethulo esifushane, okungaba umusho owodwa noma emibili. Le ncwadi ayisho ukuthi imiphi imiBhalo okufanele ifundwe, ngakho umqhubi wesifundo uyokhetha imiBhalo eyinhloko eyofundwa phakathi nesifundo. Umbuzo owodwa noma emibili ingabuzwa ekuphetheni ngenjongo yokubukeza. Uma indaba efundwayo ihlanganisa ibhokisi elithi “Imibuzo Yokuzindla,” liyosetshenziswa njengemibuzo yokubukeza. Uma isikhathi sivuma, umqhubi wesifundo angacela ukuba kufundwe imiBhalo ekhonjiwe ebhokisini abese ebuza imibuzo eseceleni ukuze enze izilaleli ziveze amaphuzu.
3. Njengoba sizobe sifunda le ncwadi, yini okufanele siyenze futhi ngani?
3 Zuza Ngokugcwele: Lungiselela kusengaphambili ngisho noma uke wayifunda le ncwadi. Phendula esifundweni ngoba lokhu kuyoletha udumo kuJehova, kukusize ukhumbule okufundile futhi kuzuzise nabanye abakhona. (IHu. 35:18; Heb. 10:24, 25) Njengoba uzindla ngezimfanelo zikaJehova ezingenakuqhathaniswa, uyosondela kuye. (IHu. 77:11-13) Uma ususondele kuye, uyozimisela ngokwengeziwe ukulalela imiyalo yakhe futhi ushukumiseleke ngokwengeziwe ukuxoxela abanye ngaye.—IHu. 150:1-6.