Watchtower UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
Watchtower
UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
IsiZulu
  • IBHAYIBHELI
  • IZINCWADI
  • IMIHLANGANO
  • w03 7/1 k. 20
  • “Yavala Igebe Enhliziyweni Yami”

Ayikho ividiyo kulokhu okukhethile.

Uxolo, kube nenkinga ekufakeni ividiyo oyifunayo.

  • “Yavala Igebe Enhliziyweni Yami”
  • INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-2003
  • Izihlokwana
  • Indaba Ethi Ayifane
  • Ezinye Zezici Zale Ncwadi Entsha
  • Kungani Yanyatheliswa?
  • Zuza Ekufundeni Incwadi Ethi Sondela KuJehova
    INkonzo Yethu YoMbuso Ka-2004
  • ‘Ungasondela’ Ngempela Yini “KuNkulunkulu”?
    Sondela KuJehova
  • Sizoqala Ukufunda Incwadi Ethi Sondela KuJehova Ngesonto Lika-January 6
    INkonzo Yethu YoMbuso Ka-2013
  • Buqine Kangakanani Ubuhlobo Bakho NoJehova?
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-2015
Bheka Okunye
INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-2003
w03 7/1 k. 20

“Yavala Igebe Enhliziyweni Yami”

“NGINIBONGA ngokusuka ekujuleni kwenhliziyo ngesipho esihle sencwadi ethi Sondela KuJehova. Yavala igebe enhliziyweni yami—isidingo sokuzizwa ngithandwa futhi ngaziswa uJehova. Manje ngizizwa ngiseduze kakhulu noJehova neNdodana yakhe ethandekayo. Ngifuna ukutshela wonke umuntu ngale ncwadi futhi ngiyinike bonke engibathandayo.” Wazizwa kanjalo omunye woFakazi BakaJehova ngencwadi entsha enamakhasi angu-320 eyakhululwa eMihlanganweni Yesigodi ‘Yabamemezeli BoMbuso Abashisekayo’ eyayingo-2002/03. Ake sihlole ezinye zezici zale ncwadi entsha nokuthi kungani yanyatheliswa.

Ezinye Zezici Zale Ncwadi Entsha

Iquketheni le ncwadi entsha? Konke ukwaziswa okusezihlokweni ezimbili ezifundwayo ezikulo magazini—nokunye okuningi! Le ncwadi inezahluko ezingu-31, ngasinye sithi asibe ngangesihloko esifundwayo se-Nqabayokulinda. Ngemva kwesandulela nezahluko ezintathu zokuqala, le ncwadi ihlukaniswe yaba izingxenye ezine, ngayinye idingida eyodwa yezimfanelo zikaJehova eziyinhloko. Ingxenye ngayinye iqala ngokuyichaza kafushane leyo mfanelo. Izahluko ezimbalwa ezilandelayo zidingida indlela uJehova ayibonisa ngayo leyo mfanelo. Ingxenye ngayinye inesahluko esikhuluma ngoJesu. Kungani? Phela, uJesu wathi: “Ongibonile mina umbonile noBaba futhi.” (Johane 14:9) Njengoba ebonakalisa uJehova ngendlela ephelele, uJesu usinikeza izibonelo ezicacile zendlela izimfanelo zikaNkulunkulu ezisebenza ngayo. Ingxenye ngayinye iphetha ngesahluko esisifundisa ukuthi singamlingisa kanjani uJehova ekuboniseni imfanelo okusuke kuxoxwa ngayo. Lapho ixoxa ngezimfanelo zikaJehova, le ncwadi entsha izithinta zonke izincwadi zeBhayibheli.

Le ncwadi ethi Sondela KuJehova inanezinye izici ezikhethekile. Kusukela esahlukweni 2, isahluko ngasinye sinebhokisi elinesihloko esithi “Imibuzo Yokuzindla.” Imibhalo nemibuzo elapho ayiyona eyokubukeza isahluko. Kunalokho, yenzelwe ukukusiza ukuba usebenzise iBhayibheli ukuze uzindle ngokujulile ngaleyo ndaba. Kutuswa ukuba uwafunde kahle amavesi omBhalo ngamunye. Yibe usucabanga ngombuzo bese uzama ukukusebenzisa kuwe lokho okukhulunywa ngakho. Ukuzindla okunjalo kungayishukumisa inhliziyo yakho, kukusize usondele nakakhulu kuJehova.—IHubo 19:14.

Izithombe ezikule ncwadi ethi Sondela KuJehova zacwaningwa futhi zalungiselelwa kahle ukuze zifundise futhi zishukumise. Izahluko ezingu-17 zinezithombe ezinhle ezigcwele ikhasi zezenzakalo zangezikhathi zeBhayibheli.

Kungani Yanyatheliswa?

Yanyatheliselwani le ncwadi ethi Sondela KuJehova? Injongo eyinhloko yale ncwadi entsha iwukusisiza ukuba simazi kangcono uJehova ukuze sakhe ubuhlobo obuqinile noNkulunkulu wethu.

Ukhona yini umuntu ocabanga ukuthi angazuza encwadini ethi Sondela KuJehova, mhlawumbe umfundi weBhayibheli noma ngisho umzalwane noma udade ongumKristu opholile? Kuthiwani ngawe—usuqalile ukuyifunda le ncwadi entsha? Uma kungenjalo, kungani ungahleli isikhathi ukuze uqale ngokushesha ngangokunokwenzeka? Yiba nesikhathi sokuzindla ngalokho okufundayo. Kwangathi le ncwadi entsha ingakusiza usondele nakakhulu kuJehova uNkulunkulu, ukuze umemezele izindaba ezinhle zoMbuso wakhe ngenjabulo nangentshiseko evuthayo!

    Zulu Publications (1975-2026)
    Phuma
    Ngena
    • IsiZulu
    • Thumela
    • Okukhethayo
    • Copyright © 2026 Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania
    • Imibandela Yokusebenzisa Le Webusayithi
    • Imithetho Yokugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • Amasethingi Okugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • JW.ORG
    • Ngena
    Thumela